Echo

Umhlonyane vs Umemulo

accreditation
IZITHOMBE: INQOLOBANE   YE-ECHO

UNomkhosi and#039;Jubyand#039;         Mpungose esina               ngomemulo wakhe.
IZITHOMBE: INQOLOBANE YE-ECHO UNomkhosi and#039;Jubyand#039; Mpungose esina ngomemulo wakhe.

Njengoba uMandulo kuyinyanga yamagugu lapho isizwe saseNingizimu Afrika sikhunjuzwa khona ngokubaluleka kokuzigqaja ngamasiko aso, uNOKULUNGA NGOBESE uxoxisane nesazi sezamasiko uMnu Nelson Ntshangase ngomehluko phakathi komhlonyane nomemulo.

ESIKHATHINI samanje kuvamisile ukuthi abantu bazithole sebedideka ngomehluko okhona phakathi kwala masiko womabili, ngenxa yokuthi okuningi sekwenziwa ngendlela efanayo.

NgokukaNtshangase umhlonyane umcimbi osuke wenzelwa intombazane lapho ifika esigabeni sokuthomba, kanti umemulo umcimbi owenziwa ukubonga intombazane ngokuziphatha kahle kwayo.

“Umhlonyane igama lesihlahla okuthi lapho intombazane ithombile iqotshelwe lo muthi ukuze iphile kahle. Ibe isihlatshelwa imbuzi kokunye uma ekhaya benamandla ihlatshelwe inkomo. Iyalulekwa ukuthi iziphatha kanjani ukuze ibe umuntu wesifazane oqotho.

“Ibe isiyenzelwa umsebenzi kubikelwa amadlozi ukuze adlulisele kuMvelinqangi ukuthi ayigade ngoba nakhu isikhulile, sekuzoba khona nezinsizwa ezifuna ukuyiwisa endleleni. Lo osuke enzelwe umhlonyane uphelezelwa ontanga bakhe behambe becela izipho, becula namaculo okuthombisa. Ngenxa yokuthi isikhathi samanje asisafani nakudala lapho intombazane yayenzelwa leli siko emva kokuthomba, nasebedlulile kulesi sigaba bayenzelwa leli siko uma lingafezwanga. Intombazane ibe isiyasina kepha awufakwa umhlwehlwe.” kusho uNtshangase.

Uqhube wathi umemulo awunaminyaka ethile, kodwa ngokwamasiko abantu kuvamise ukuthi kwenzelwe umuntu oneminyaka engu-18 kuya phezulu.

“Lapha abazali basuke bebonga intombazane ngokuziphatha kahle nokukwazi ukuvika zonke izilingo ize ifike esigabeni sobudala. Ngomemulo akubongwa kuphela intombazane leyo eziphathe kahle, kodwa kubongwa namaqhikiza ayikhulisile, abazali abayikhulisile, ikakhulukazi unina, bese kubongwa namadlozi noMvelinqangi ngokuyivikela ize ifike kulesi sigaba. Kuhlatshwa imbuzi ebika umsebenzi, bese imuliswa ngenkomo lapho izosina esigcawini ifake umhlwehlwe. Umkhonto ube usulandwa komalume noma lapho intombi iqome khona, kodwa uma sekunezinkomba ukuthi loyo emqomile uzoyithatha,” ubeke kanje

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Children between 12 and 17 can now be vaccinated against Covid-19. As a parent I am:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Relieved, it's been a long wait to this point
50% - 1038 votes
A bit hesitant, and will wait to see how it goes
22% - 446 votes
Completely against my child getting the shot
28% - 579 votes
Vote
Rand - Dollar
14.47
-0.6%
Rand - Pound
19.99
-0.5%
Rand - Euro
16.85
-0.6%
Rand - Aus dollar
10.85
-0.2%
Rand - Yen
0.13
-0.9%
Gold
1,785.45
+0.2%
Silver
24.21
-0.4%
Palladium
2,066.00
-0.2%
Platinum
1,051.50
-0.1%
Brent Crude
85.82
+0.9%
Top 40
59,674
-1.0%
All Share
66,189
-0.8%
Resource 10
61,545
-2.6%
Industrial 25
85,379
+0.1%
Financial 15
13,931
-0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE