Imali yebhola yaya phesheya

KUNZIMA ukukholwa ukuthi sanikela ngemali yokukhulisa ibhola emazweni aphesheya kwezilwandle. Lokhu ngikucatshangiswa ukuthi isimo sebhola ezigabeni eziphansi kuleli zwe sibi kakhulu.

Lapha eMgungundlovu intsha idlala ezinkundleni ezingasikwa utshani futhi nolayini abangabhalwa. Angisayiphathi eyezinsiza-kuqeqesha kanye nezinga loqeqesho. Isimo esinjena senza kube nzima ngisho ukucela usizo ngoba uthola impendulo ethi ibhola lenu licebile likwazi ukunikelela amanye amazwe. Abamhlophe banesisho esithi ukusiza kuqala ekhaya. Ingabe kuthina luhlanga olunsundu asikuboni yini ukubaluleka kokweseka izinto zethu kulelizwe? Akumangalisi nentsha yethu isiphenduke izilwane. Siyizwe elithanda ukubukwa kunokwanelisa izidingo zabantu bethu.

Uma ubuka nezinkundla esizakhele midlalo ka-2010 azisisizi isizwe sikaPhunga noMageba. Kuphela zidla izindodla zemali engabe isiza kwimfundo yezemidlalo ezindaweni ezehlukene. Kwenzeka kanjani izwe lethu lithwale imithwalo yemidlalo yomhlaba ngokuba abasingathi? Lokhu ngikubuza ngoba amazwe adla izambane likapondo amaningi njengo-Norway, Switzerland awakaze asingathe imidlalo yomhlaba. Nsuku zonke sithola izicelo zeminikelo yamabhola. Kuyamangaza ukuthi imiphakathi yethu isiyehluleka ngisho ukuthengela intsha amabhola. Ngicabanga ukuthi iningi lethu lingakwazi ukuthi sizile noma inyanga eyodwa izinto zokuzijabulisa ukuze kusizakale intsha. Imali eningi yesizwe sethu ingena emanzini amponjwana nakwizidakamizwa.

Intsha yakithi ingafinyelela emazingeni aphezulu kuyoyonke imikhakha yempilo. Isizwe esinsundu akesikhombiso uthando nezifisa ezinhle ngentsha yethu.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Is social media doing more harm than good?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, our children are exposed and we can't protect them
49% - 6225 votes
Yes, but social media is part of the new reality
45% - 5697 votes
No, it's great for growing a child's world view
5% - 665 votes
Vote
Rand - Dollar
14.13
+0.0%
Rand - Pound
19.86
+0.0%
Rand - Euro
17.07
-0.1%
Rand - Aus dollar
10.92
-0.0%
Rand - Yen
0.13
-0.2%
Gold
1,826.85
+0.6%
Silver
27.09
+0.4%
Palladium
2,863.32
+0.1%
Platinum
1,210.07
-0.3%
Brent Crude
69.32
+1.1%
Top 40
60,211
-2.1%
All Share
66,169
-1.9%
Resource 10
69,474
-3.1%
Industrial 25
82,513
-1.5%
Financial 15
12,499
-1.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo