Ukhala ngomasipala onesikweletu sika R106 000

ISITHOMBE:nokulunga ngobese Izitatimende zesikweletu samanzi uThusi abezithola nyanga zonke zinemali ekhuliswayo , kwesinye isikhathi yehliswe.
ISITHOMBE:nokulunga ngobese Izitatimende zesikweletu samanzi uThusi abezithola nyanga zonke zinemali ekhuliswayo , kwesinye isikhathi yehliswe.

UKHALA ngokuxhashazwa umasipala owesifazane wase –Ashdown emva kokuba egixabezwe ngesikweleti sika R106 000 semali yentela yokuhlala (rates), yize ebekhokha zinyanga zonke.

UNkk Teressa Thusi uthi okummangaza kakhulu ukuthi ezintweni abezikhokhela kubalwa kuphela amanzi nentela yokuhlala, njengoba ebesebenzisa ugesi wekhadi.

Uthe yize esezamile kaningana ukuxhumana neziphathimandla zikamasipala, akayitholi incazelo ecacile. Uqhube ngokuthi usizi lwakhe luqale ngo 2012 lapho eqale wathola isikweletu samanzi sika R900 , yize ebehlala namalunga omndeni angaphansi kwesine.

Uthe ngo 2013, sikhuphukile isikweletu samanzi saya ku R1 500, yize ebeqinisekisa ukuthi uyakhokha okungenani uR100 ngenyanga.

Uthe: “Isikweletu samanzi nesentela bezifika ngokuhlukana kodwa bengiqinisekisa ukuthi ngiyakhokha njalo. Kuthe ngisababaza le mali, incwadi elandelayo yokuthelela amanzi ifike isithi nginesikweletu sika R10 000. Ngibe sengibhalela umasipala incwadi, okuyimanje angikakayitholi impendulo. Ngo 2015, le mali ibisikhuphukile yafika kuR14 000. Kodwa kuthe sekuphela unyaka futhi, yaphinde yehliswa yafika ku R4 000 okukhombisa ngokusobala ukuthi bekuqagelwa.”

UThusi uqhube ngokuthi ngoZibandlela wanyakenye kufike abafunda amamitha amanzi, bathola ukuthi imitha yakhe inenkinga njengoba igqibekile, okuphethe ngokuthi bagcine bengayifundanga. “Ekuqaleni kuka Masingana kulo nyaka baphinde bafika , bangicebisa ukuthi kufanele ngithenge imitha elisha ngo R743. Phakathi nenyanga kufike izitatimende ezimbili zamanzi , esinye sithi ngikweleta uR3 527.61, esinye sithi ngikweleta R2 703.47. Kumanje ngididekile ukuthi ikuphi okuyikho, njengoba ngithole nencwadi ethi ngikweleta u R106 000 wentela. Ngikubona lokhu kungukuxhashazwa njengoba kukhombisa ngokusobala ukuthi bayaqagela,” kuphetha uThusi. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela umasipala ungatholakalanga ukuphawula.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Is social media doing more harm than good?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, our children are exposed and we can't protect them
49% - 3921 votes
Yes, but social media is part of the new reality
46% - 3635 votes
No, it's great for growing a child's world view
5% - 395 votes
Vote
USD/ZAR
14.25
+0.3%
GBP/ZAR
19.83
+0.4%
EUR/ZAR
17.21
+0.3%
AUD/ZAR
11.08
+0.1%
JPY/ZAR
0.13
+0.2%
Gold
1,820.56
+0.3%
Silver
27.34
+0.1%
Palladium
2,929.73
-0.7%
Platinum
1,257.00
+0.1%
Brent Crude
68.09
-1.3%
Top 40
62,408
+1.1%
All Share
68,330
+1.1%
Resource 10
71,717
+2.5%
Industrial 25
86,237
+0.2%
Financial 15
12,654
+0.7%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo