Echo

Uphelelwe ithemba umndeni olinde umxhaso

ISITHOMBE:NOKULUNGA NGOBESE UNksz Nana Mkhize emi ngaphandle ko muzi wakubo.
ISITHOMBE:NOKULUNGA NGOBESE UNksz Nana Mkhize emi ngaphandle ko muzi wakubo.

AYASHABALALA amathemba okwakhelwa umuzi womxhaso ngaphansi kohlelo lweVulindlela Development Association (VDA) emndenini wakwaMkhize KwaMpumuza, kulandela ukudlula emhlabeni kwaloyo owayefake isicelo ngoNhlaba (May ) walo nyaka.

Lo mndeni onamalunga ayisithupha ahlala emzini owayo uke wavela kuleli phephandaba ngoZibandlela (December) wonyaka odlule, emva kokuba uGogo Bhekeni Mkhize ongasekho ekhale ngokuthi wayeselinde iminyaka emithathu ukuba akhelwe umuzi, wagcina ngokutshelwa ukuthi kuzomele afake isicelo kabusha kulandela ukulahleka kwemininingwane yakhe.

UMkhize wagcina engasakwazi ukuya kula mahhovisi kulandela ukunqunywa kwakhe umlenze njengoba ayesenesifo sikashukela. Emva kokukhishwa kwalolu daba, abakaVDA ngokuhlanganyela noMnyango wezokuHlaliswa koMphakathi bathembisa lo mndeni ukuthi kuyothi kuphela unyaka kube sekuphothuliwe ukwakhiwa kwalo muzi, okuyinto engasenzekanga njengoba umndeni kuthiwa kufanele uqale phansi ufake isicelo kabusha. Ikhuluma ne-Echo indodakazi kagogo uNksz Nana Mkhize uthe bamangele ngenyanga edlule uma kufika abakaVDA endaweni bebatshela ukuthi kuzomele bafake isicelo kabusha njengoba ugogo okuwuyena owayesifakile engasekho emhlabeni.

“Kusithuse kakhulu futhi sesiphelelwe ithemba ukuthi kuyoke kwenzeke njengoba kuzobe sekuyisicelo sesithathu lesi esizobe sisifaka.

“Okubuhlungu ukuthi bonke labantu ababebhalise kanye naye uma emva kokuvela kwalolu daba ephephandabeni , sebeyitholile imizi. Asisazi ukuthi sithembe kuphi ngoba sizofaka isicelo silinde, kuyothi uma sekufanele sakhelwe kube sekubekwa ezinye izaba. Besinethemba lokuthi kuyoshaya uKhisimusi sekunendlu ephephile njengoba kungena amanzi nomoya. Ukube sinawo amandla ngabe ikhona imizamo esesiyizamile.”

Okhulumela uMnyango wezokuHlaliswa koMphakathi uMnu Mbulelo Baloyi uthe: “Isizathu esenze ukuthi kubambezeleke ukwakhiwa kwendlu kagogo ukuthi ngenkathi efaka isicelo wayengashongo ukuthi wayeshade umshado ohlanganisa amafa.

“Kutholakale ukuthi umyeni wakhe unomuzi womxhaso eThekwini, ngakho njengoba ebeshade umshado ohlanganise amafa, bekungavumelekile ukuthi abe nomunye umuzi womxhaso.

“Kodwa njengoba eshone vele kwenziwa imizamo yokuba akhelwe umuzi, umndeni usengafaka isicelo kabusha ukuze bakhelwe egameni lo munye. Sithole ukuthi ukhona ongakwazi ukufaka isicelo, nomuzi uzokwakhiwa egameni lakhe.”

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As South Africa faces down the third Covid-19 wave, how are you keeping your family safe ?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Staying at home, isolating and being careful
4% - 1449 votes
Sanitising and wearing masks when we go out
14% - 5662 votes
Going on as usual, we're not afraid of the virus
83% - 33918 votes
Vote
Rand - Dollar
13.99
+0.8%
Rand - Pound
19.85
+0.4%
Rand - Euro
17.11
+0.2%
Rand - Aus dollar
10.91
+0.4%
Rand - Yen
0.13
+0.5%
Gold
1,869.47
+0.1%
Silver
28.21
+0.1%
Palladium
2,908.50
+0.2%
Platinum
1,225.94
-1.5%
Brent Crude
69.46
+1.1%
Top 40
61,190
-0.0%
All Share
67,255
+0.1%
Resource 10
70,784
+0.2%
Industrial 25
83,774
-0.3%
Financial 15
12,689
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo