Njengoba sigubha iNyanga Yabesifazane, isiShayamthetho saKwaZulu-Natali sizosingatha iPhalamende Labesifazane mhla ziyi 18–19 kuNcwaba (August) kuMasipala waseNdumeni, eMpumelelo Sportsfield.
Abesifazane abavela kowo wonke amaqembu ayisithupha amelwe kusiShayathetho bazobamba iqhaza kulo mcimbi. Ingqikithi yePhalamende Labesifazane ithi: “Abesifazane bayimbumba ekuqhubezeleni iNingizimu Afrika phambili"
IPhalamende Labesifazane liyingxeye yesu lesi Shayamthetho lokusabalalisa ukubanjwa kweqhaza ngumpakathi ezinhlelweni zesiShayamthetho kanye nokukhuthaza ukuxoxisana KwaZulu-Natali.
Simema bonke abantu besifazane abavela kwisiFunda sase Mzinyathi ukuba bahambele lomcimbi. Xhumana nomasipala ukuze uthole imininingwane ngemizila yamabhasi. Kuyoqalwa ngehora le – 9h00 kuzona zombili izinsuku.