Bhiyozani ngendlela efanele ngoKhisimusi

SESIFIKILE leso sikhathi sonyaka lapho abantu bezi jabulisa ngezindlela ezahlukahlukene. UZibandlela (December) ngiwubona uyinyanga ehluke kakhulu kunezinye, ngoba kuningi okwenzakalayo ngalenyanga futhi kuvele kuphithizele ngalendlela exakile. Basuke beqinisile abantu abadala uma bethi izikhathi zamanje azisafani nezakudala, kanjalo nokhisimusi wamanje awusafani neze nowakudala. Ngikhumbula ngisemncane ukuthi uma kuwu Khisimusi sasiswenka sibe bahle siye ezinkonzweni nabangani bethu, sibuye lapho sidle ukudla emakhaya bese sidlulela komakhelwane bonke ngabanye ngabanye, okumnandi wukuthi lokhu sasikuthokozela futhi singaboni lutho olubi ngakho. Kulesi sikhathi samanje akusenziwa lokho uthola abantu bebhiyoza ngenye indlela, angisho ukuthi akulungile ukuzijabulisa ngoba vele uKhisimusi iskhathi sokuthi wonke umuntu ejabule njengoba kusuke kuzelwe indodana kaMariya noJosefa enguJesu Kristo, kodwa uthola abantu bexabana abanye bethukana, omunye aphuze bese ebona ukuthi kungcono ashayele imoto abeke impilo yakhe neya banye engcupheni.

Okubuhlungu wukuthi baningi abantu abashona ngesikhathi sika Khisimusi, iningi labo lishona engozini yemoto, bemuke nolwandle, abanye beshona ngesandla somuntu.

Abe-FEVER banxusa wonke umuntu ukuba azijabulise ngendlela efanele ngoKhisimusi, abantu bagweme izingozi emigwaqeni nezingxabano ezingathi shu! Washo noMfo kaMgiks wathi: “Ungakwenzi komunye umuntu ongeke uthande kwenziwe kuwena. Sonke ake siqinisekise ukuthi lo Khisimusi unokuthula.

Asingomeli ngasemakhaya, asomele emakhaya.

Akungabi khona abazozila ngenxa yokungahloniphi kwakho nokuhlulwa wukudla bese ushayela imoto.

Baphelile abantu bakithi yizingozi zomgwaqo ngenxa yotshwala.

Sengathi oPhezukonke angaba nathi sonke kulo Khisimusi.”

Abe-Fever banifisela uKhisimusi omuhle futhi onokuthula. Sicela usithumele i-sms usichazele ukuthi uzobe wenzani ngoKhisimusi nango-New Year, enombolweni ethi: 074 209 5642 noma uthumele kwikheli le email elithi: nosipho.mkhize@media24.com.

Abe-FEVER banxusa wonke umuntu ukuba azijabulise ngendlela efanele ngoKhisimusi, abantu bagweme
izingozi emigwaqeni nezingxabano
ezingathi shu!

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 6705 votes
It's four more years for Trump
54% - 7802 votes
Vote
ZAR/USD
16.26
(+0.45)
ZAR/GBP
21.26
(+0.86)
ZAR/EUR
19.22
(+0.74)
ZAR/AUD
11.54
(+0.59)
ZAR/JPY
0.16
(+0.60)
Gold
1896.77
(-1.28)
Silver
24.45
(-1.97)
Platinum
866.00
(-1.96)
Brent Crude
42.06
(-3.35)
Palladium
2351.00
(-1.14)
All Share
54788.55
(-1.01)
Top 40
50279.93
(-1.23)
Financial 15
10367.04
(+2.25)
Industrial 25
74148.57
(-0.58)
Resource 10
52806.49
(-3.01)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo