Intokozo kubafundi bethweswa iminyezane

                                    ISITHOMBE: ANDILE SITHOLE UMnu Chris Langa nekhansela lasoThongathi uNkk Dolly Munien (kwesobunxele) behalalisela abafundi ngemuva kokuba bethweswe iziqu eCity Hall ngesonto eledlule.
ISITHOMBE: ANDILE SITHOLE UMnu Chris Langa nekhansela lasoThongathi uNkk Dolly Munien (kwesobunxele) behalalisela abafundi ngemuva kokuba bethweswe iziqu eCity Hall ngesonto eledlule.

INTOKOZO beyibonakala ebusweni kubafundi ngesikhathi kunomcimbi wokubethwesa iminyezane eThekwini eCity Hall.

Abafundi bebeqhamuka ezindaweni ezahlukene ezakhele iTheku, phakathi kwabo bekukhona nabaqahamuka ezindaweni ezakhelene neVerulam noThongathi.

UMnu Lindokuhle Thabethe (18) waseMahlabathini noNksz Ntombifuthi Jeza (30) wase Waterloo baphothule izifundo zabo esikhungweni semfundo esibizwa nge- IQ Institute for Quality.

UMnu Thabethe noNksz Jeza bathola umfundaze ngonyaka odlule wokwenza izifundo ezigxile ekuphathweni kokudla kanye neziphuzo (Food and Beverage). Bobabili babonge ikhansela uMnu Chris Langa ngokubaxhumanisa nezinkampani ezikwazile ukubanikeza imifundaze ukuze bakwazi ukuqhuba izifundo zabo.

UNksz Jeza uthe: “Basisize kakhulu ngoba besingenayo imali yokuqhubeka nokufunda. Siyabonga kakhulu kuMnu Langa kanye nethimba lakhe ngabakwenzile kithina ukuthi basifunele uxhaso lwezezimali ezinkampanini ezahlukene.”

UMnu Thabethe uthe: “Njengamanje into engibhekene nayo ukuthola umsebenzi lapho ngizokwazi ukuveza ulwazi engiluthole ngesikhathi ngifunda.

“Ngifunde unyaka wonke ngaze ngaphothula kulonyaka lokho kwenze ngithole ulwazi olunzulu ezintweni eziphathelene nokudla.

“Ngiyethemba futhi ukuthi lesitifiketi sami ngizokwazi ukungqongqoza ngaso eminyangeni eminingi ivuleke. Impilo beyinzima kakhulu njengoba bengingakwazi ukuqhubeka ngenze ezinye izifundo ukuze ngithole isitifikeni semfundo ephakame.”

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Until the matric exams are over, my family is:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Self-isolating to ensure we don't miss any exams
13% - 174 votes
Following Covid-19 safety protocols, but still going out like normal
54% - 741 votes
Business as usual, we're not worried about the virus
33% - 457 votes
Vote
ZAR/USD
16.23
(+0.67)
ZAR/GBP
21.02
(+0.59)
ZAR/EUR
18.90
(+1.01)
ZAR/AUD
11.40
(+0.88)
ZAR/JPY
0.16
(+0.82)
Gold
1877.90
(+0.05)
Silver
23.62
(+0.11)
Platinum
844.50
(+0.39)
Brent Crude
37.86
(-0.84)
Palladium
2204.58
(+0.60)
All Share
51684.70
(-0.41)
Top 40
47472.92
(-0.22)
Financial 15
9459.76
(-3.04)
Industrial 25
73439.58
(+1.04)
Resource 10
47245.91
(-1.21)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo