
ISIKOLE i-St Benedict School sisaqhubeka nokubungaza iminyaka engama-60 sasungulwa, lokhu bakuqhubeze ngokuba nenkonzo enesiqubulo esithi-St Benedict’s Feast Day.
Lolu suku lubone abafundi nothisha bebonga uNkulunkulu ngezibusiso azinike isikole kule minyaka engama-60.
Emva kwenkonzo ikilasi ngalinye lithathe imizuzu engama-60 lisebenza emphakathini besiza labo abahlwempu.
Lokho bakwenze ekhaya labadala banikeza izaguga amaphasela okudla abequkethe izibiliboco nokunye. Okhulumela isikole i-St Benedict uNks Shareen Gould uthe abafundi abagcinanga ngokuvakashela ogogo kodwa baphinde bavakashela abangenawo amakhaya.
Uthe : “Ngesikhathi abafundi bevashela labo abahlala emgwaqeni bebe phethe izingubo zokulala, ukudla neziponji zokulala.
Abafundi baphinde bavashela iziboshwa beziphathele okuningi.”