
IQEMBU lo mculo we-Jazz i-Iza Ngoma lizobe linomcimbi ozobe ugqugquzelwe abakwa-Concert SA nabakwa-Seaman’s Corner ngaphansi kwe-iSupport Music Business.
Le khonsathi izobe ise-Saman’s Corner ngoMgqibelo mhla ka-31 kuNdasa (March), e-Hammarsdale ngo 7 ebusuku.
Leli qembu lasungulwa ngasekupheleni kuka-2016 emva kokuba abafundi abathathu base-UKZN bebone ukuthi banothando olufanayo kwezomculo.
Leli qembu lihlanganise okungu-Charles Mdakane, uPhuti Mofokeng noSibusiso Shabalala.
Bathe bachitha isikhathi esiningi beziqeqesha kwezomculo ikakhulukazi beziqeqesha ngomculo we-jazz waseNingizimu Afrika.
Leli qembu lanquma ukuthi lo mculo wabo bafuna ukudlalela izithameli, ilapho-ke abaqala khona ukudlalela izihlwele lapho abebe funda khona e-UKZN.
Emva kokudlala umculo wabo e-UKZN babona ukuthi umculo wabo uthandwa kakhulu futhi abantu bawuthokozela ngendlela nalo leli qembu eliwuthokozela ngayo.
Bathe umculo wabo ukhuluma ngezinto ezibalulekile ezenzeka emphakathini futhi ugqugquzelwa abaculi abadumile baseNingizimu Afrika kubalwa uHerbie Tsoali, uThemba Mkhize, uBusi Mhlongo, uMoses Molelekwa noSikho Xaba.
Uhlobo lomculo wabo luhlanganise i-jazz yase-Afrika, i-kwaito kanye nomculo okuthiwa i-dance.
Baqhube bathi i-band ezobe iyingxenye yale khonsathi kubalwa uHlubi Vakalisa Jele ozobe edlala i-saxophone, uPhuti Mofokeng ozobe edlala icilongo, uSibusiso Shabalala ozodlala upiyano aphinde acule, uCharles Mdakane ozobe edlala isiginci se-bass noZolani Rahoza.
Uma uthanda ukwazi kabanzi ngale khonsathi vakashela ikhasi le-website elithi: http://concertssa.co.za, noma ulandele kwi-Twitter ku: @ConcertsSA noma ku: http: //twitter.com/ConcertsSA noma kwi khasi le-Facebook elithi: www.facebook.com/ConcertsSA.
Umculo wabo ukhuluma ngezinto ezibalulekile ezenzeka emphakathini futhi ugqugquzelwa abaculi abadumile baseNingizimu Afrika kubalwa uHerbie Tsoali, uThemba Mkhize, uBusi Mhlongo, uMoses Molelekwa noSikho Xaba.