‘Ningaweli kujantshi’ – Metrorail KZN

Photo: suppliedKukhalwa ngeWhoonga Village eyakhiwe kujantshi wesitimela
Photo: suppliedKukhalwa ngeWhoonga Village eyakhiwe kujantshi wesitimela

KUXWAYISWE umphakathi wase Durban ukuthi ugweme ukuwela kujantshi wesitimela. Lesixwayiso sikhishwe emuva kokuthi owesifazane oneminyaka engu-42 eshayiswe isitimela endaweni yase Fairbreeze ebusuku ngoMsombuluko.

Ibamba lenhloko yomnyango wezokuXhumana kwa-Metrorail KwaZulu-Natal u-Isabel Westhuizen utshele i-Weekly ukuthi: “U-Metrorail ujwayele ukuba nemikhankaso yokuqwashisa umphakathi nokuwukhumbuza ukuthi kuyingozi ukuwela kujantshi wesitimela kanti futhi akukho emthethweni. Amathuba obunguzi akhuphuka kakhulu ngezikhathi zokushona kwelanga okuphinde kudale ezinye izinkinga.

“Lezigameko ziyabahlukumeza kakhulu abashayeli bezitimela zethu. Ngenxa yalokhu u-Metrorail ugcina usunabashayeli abaningi abangakwazi ukuzo sebenza ngoba besabambeke ezinhlelweni ezibekelwe ukuba lekelela ukuthi bekwazi ukubhekana nezigameko zalolu hlobo. Kwezinye izikhathi abanye babo abashayeli bagcina bengabuyanga emsebenzini. Siwu Metrorail sinxusa umphakathi ukuthi ungaweli kujantshi wesitimela ngoba lokhu kuyingozi,” kusho yena.

U-Westhuizen ukuqinisekisile ukuthi u-Metrorail uwutholile umbiko ngowesifazane oshayiswe isitimela endaweni yase Tongaat.

Uthe: “Omunye wabashayeli bethu ubike ukuthi kungenzeka ukuthi washayisa umuntu ngomhlaka 3 ku-Juni ngabo 8:30pm. Onogada bakwa Metrorail bathunyelwe endaweni yesigameko ukuyophenya. Ekuseni ngomhlaka 4 ku-Julayi ngabo 8:30am, sithole umbiko ngesidumbu esitholakale eceleni kukajantshi ophakathi kwase Fraser nasesiteshini sase Tongaat. Okwamanje lolu daba lusaphenywa ngonogada bethu kanye namaphoyisa kajantshi,” kusho u-Westhuizen.

.

 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 7342 votes
It's four more years for Trump
54% - 8460 votes
Vote
ZAR/USD
16.18
(-0.11)
ZAR/GBP
21.11
(+0.32)
ZAR/EUR
19.19
(-0.32)
ZAR/AUD
11.55
(-0.12)
ZAR/JPY
0.15
(-0.13)
Gold
1902.10
(-0.13)
Silver
24.58
(-0.38)
Platinum
903.00
(+2.55)
Brent Crude
42.50
(+1.69)
Palladium
2377.52
(+0.95)
All Share
55339.58
(+0.99)
Top 40
50692.28
(+0.83)
Financial 15
10790.70
(+3.99)
Industrial 25
74905.70
(+1.05)
Resource 10
52561.57
(-0.49)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo