Umqeqeshi ucela uxhaso

isithombe: nosipho mkhize Umqeqeshi weZwakala FC uSibusiso Ntombela waseNtshongweni.
isithombe: nosipho mkhize Umqeqeshi weZwakala FC uSibusiso Ntombela waseNtshongweni.

OWESILISA waseNtshongweni, uMnuz Sibusiso Ntombela onethalente lokudlala ibhola lezinyawo uthe isifiso sakhe ukubona iqembu lakhe liphumelela lize lifike emazingeni aphezulu kwezemidlalo.

UMnuz Ntombela ungumqeqeshi weqembu elibizwa ngokuthi yiZwakala Footbal Club eNtshongweni.

Uthe: “Ngibhalele abe-Hillcrest Fever ngoba ngibone ukuthi iningi labantu emphakathini liyasizakala ngalo leli phephandaba. Ngibone kukuhle ukuthi ngicele usizo lokuxhaswa kwabadlali njengoba ngiwumqeqeshi waleli qembu,” kusho yena.

Uthe esikhathini esiningi kuba nzima uma abadlali beswele njengoba ebuye akhokhe ngemali ayithola etohweni.

Uthe: “Kunzima ngoba iningi labadlali alisebenzi futhi ngibuye ngibambe ama toho engadini. Kwesinye isikhathi ngiyazama ukubasiza ngemali engiyithola ematohweni, kodwa esikhathini esiningi ayenele ngoba abadlali baningi. Nginama qembu amabili okuyi qembu le-open team lapho kungakhethiwe iminyaka bese ngiba neqembu elinabadlali abane minyaka eyi-13 neyi-15 ubudala.”

Uthe kunzima njengoba kumele bekhokhele onompempe nabanye abasuke belekelela emidlalweni.

Uthe: “Imidlalo eminingi siyazi hlelela yona ukuze kugqugquzeleke abadlali futhi beqhubekele phambili nokudlala ibhola lezi nyawo. Sihlanganisa imali ukuze sithenge izindondo nezitifiketi zabadlali.

Uqhube wathi akafuni imali emphakathini kepha unxusa ukuxhaswa ngomfaniswano webhola (soccer kit) kanye nokunye okudingakalayo ebholeni.

Uma kukhona onothando lokuxhasa iZwakala Football Club engashayela uMnuz Sibusiso Ntombela enombolweni ethi: 063 363 7818.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 6021 votes
It's four more years for Trump
54% - 7103 votes
Vote
ZAR/USD
16.29
(+0.98)
ZAR/GBP
21.33
(-0.09)
ZAR/EUR
19.31
(+0.81)
ZAR/AUD
11.57
(+0.23)
ZAR/JPY
0.16
(+0.19)
Gold
1923.40
(+0.70)
Silver
25.09
(+1.47)
Platinum
891.00
(+2.35)
Brent Crude
43.05
(+1.28)
Palladium
2411.50
(+0.92)
All Share
55252.25
(-0.04)
Top 40
50809.20
(-0.08)
Financial 15
10058.75
(+1.03)
Industrial 25
74747.58
(-1.08)
Resource 10
54210.41
(+0.79)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo