Usephile nesifo sesandulela ngculazi iminyaka eyi-11

isithombe : sithunyelwe UNks Cindy Pivacic osephile nesifo sesandulela ngculazi iminyaka eyi-11.
isithombe : sithunyelwe UNks Cindy Pivacic osephile nesifo sesandulela ngculazi iminyaka eyi-11.

OWESIMAME wase-Pinetown uNks Cindy Pivacic oneminyaka engama-57 ubudala, ophila nesifo sesandulela ngculazi, uthe ukuphila nalesi sifo akusho ukuthi usuthole isigwebo sentambo kepha kusho ukuthi uyakwazi ukuphila naso iminyaka eminingi uma nje uzinakekela.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nentatheli ye-FEVER, ethi isifo sesandulela ngculaza wasithola eminyakeni eyi-11 eyedlule. “Ngahlangana noswahla lwensizwa ngo-2004 eyayibukeka ithembekile, isebenza enkampanini eyenza konke okuphathelene namapayipi amanzi. Sathandana nalo mlisa saze sahlala ndawonye. Waye ngakaze angitshele lutho ngesimo sempilo yakhe,” kusho yena.

Uqhube wathi: “Wayehlezi ebonana nodokotela ngenxa yenkinga yokuhlushwa izinhlungu esiswini. Ngelinye ilanga wathi asihambe siyohlola igazi, ngingazitsheli ukuthi ngiyoke ngizwe amazwi afana nalawo eqhamuka kuyena. Sahamba sayo hlola, imiphumela yathi sinesifo sesandulela ngculazi.”

Ukuthola imiphumela ayengayi lindele, kwamenza washintsha indlela impilo ayiphila ngayo.

“Okuqala nje,” eqhuba, “uthando lwethu alubange lusaba luhle emva kwale miphumela ngoba ngangine siqiniseko sokuthi nguye ongisulele ngalesifo ngoba ngenkathi singaka hlangani, ngangi ngenaso. Kepha kunokuba ngizibulale noma ngimkhombe ngomunwe esweni, ngahlala phansi ngavumela inhliziyo yami ukuba yamukele lesi simo ukuze ngikwazi ukuqhubeka nempilo.”

“Ngase ngicabanga izindlela ekumele ngizishintshe ukuze ngikwazi ukuphila njengabo bonke abantu.

Eminyakeni eyedlule useke waba nezifo ezifana ne-TB, i-Meningitis, i-Pnuemonia, ama-Shingles nolunye uhlobo lomdlavuza.

Uthe zonke lezi zifo wazithola esenaso lesi sifo kodwa wakwazi ukuzinqoba ngenxa yokuthi ingqondo yakhe yayingacabangi ngokufa kepha yayicabanga ngokuphila.

Uthe ukube wayazi ukuthi isithandwa sakhe sine sandulela-ngculazi, ngabe akasulelekanga.

“Ngakwazi ukuthungatha abanye besimame abathathu abathandana naye emva kokuba ethandane nami, baqinisekisa ukuba nabo banaso lesi sifo futhi basithole emva kokuba bethandane nalona wesilisa.

Emva kokubona indlela abantu abatheleleka ngayo yilesi sifo usungule inkampani ephila ngoxhaso, ebizwa nge ‘Aid My Journey’ okuyinkampani ebhekelela konke okuphathelene nalesi sifo.

“I-Aid My journey, ngiyisungule ngo-2011 lapho silekelela khona abantu abanalesi sifo, sibanikeza izeluleko nethemba lokuthi uma unesifo sesandulela ngculazi, akusho ukuthi sekuyisigwebo sentambo kodwa kuchaza ukuthi uzokwazi ukuphila njengabo bonke abantu uma nje uzinakekela,”kusho yena.

Uthe: “Siphinde senze ama-project aphathelene nalesi sifo, siqeqeshe abantu kwezama-computer, sibaqeqeshe ukuba ngo thisha bama ‘support groups’ bese siba nemikhankaso yokuvakashela abantu sibaluleke ngalesi sifo.”

Useshicilele incwadi enesihloko esithi “The Deadly Seducer”.

Uthe: “Le ncwadi ikhuluma ngempilo yami nalesi sifo, nangendlela engakwazi ngayo ukwamukela lesi simo nokuthi ngaqala kanjani ukusiza abanye.”

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngoNks Cindy Pivacic thumela umyalezo ngekheli le-email elithi: cindy@cindypivacic.co.za.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As South Africa faces down the third Covid-19 wave, how are you keeping your family safe ?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Staying at home, isolating and being careful
20% - 554 votes
Sanitising and wearing masks when we go out
67% - 1910 votes
Going on as usual, we're not afraid of the virus
13% - 370 votes
Vote
Rand - Dollar
14.13
-0.0%
Rand - Pound
19.92
-0.0%
Rand - Euro
17.16
-0.0%
Rand - Aus dollar
11.00
-0.0%
Rand - Yen
0.13
-0.0%
Gold
1,843.76
0.0%
Silver
27.42
0.0%
Palladium
2,894.50
0.0%
Platinum
1,229.50
0.0%
Brent Crude
68.71
+2.5%
Top 40
60,573
+0.6%
All Share
66,598
+0.7%
Resource 10
69,386
-0.1%
Industrial 25
83,277
+0.9%
Financial 15
12,685
+1.5%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo