Uyaqhubeka umkhankaso weZwi Lothando wokusiza abahlwempu

uMnuz Phila Zulu weZwi Lothando nabantwana abahlomule ngezipho nemifaniswano yesikole.
uMnuz Phila Zulu weZwi Lothando nabantwana abahlomule ngezipho nemifaniswano yesikole.

Inhlangano engenzi nzuzo eyaziwa ngokuthi Izwi Lothando elekela abafundi abantulayo kusukela emabangeni aphansi kuya emabangeni aphakeme iqhubeke nomkhankaso wayo wokusiza umphakathi, ngokunikela ngemifaniswano yesikole, izingubo zokugqoka, amathoyizi namaphasela okudla emphakatini.

Le nhlangano ibisingethe lomcimbi ehholo lomphakathi kule ndawo ngokubambisaza nezinkampani ezizimele okuyi S.A.M.B.A, I Sgweva Projects lapho bebehlomulise imindeni engama-21 ehlwempu ngamaphasela okudla kwathi abantwana bahlomula ngezimpahla zokugqoka, amathoyizi, imifaniswano yesikole kanye noncamnce.

Ongumsunguli wale nhlangano uMnuz Phila Zulu ekhuluma nabantwana kanye nabazali kulo mcimbi uthe benze lo mcimbi ngenhloso yokubonga kumdali ngothando nokungena bephephile kunyaka omusha.

“Singabantu balesi sizukulwane esisha esiphila kuso sifisa ukuba sihlangane silwisane nobubha obuhlasele isizwe sakithi esinsundu ngaphandle kokubuka uhulumeni emehlweni. Lelizwe lingelethu futhi lolungiswa yithi nokuthi kumele nazi ukuthi zintathu izinto eziyinsika yempumelelo okuyi mfundo, inhlonipho kanye noNkulunkulu,” kusho uMnuz Zulu.

Omunye wabazali uMathethe Ngcobo uzwakalise ukubonga kule nhlangano ngokuthengela ingane yakhe umfaniswano wesikole njengoba nyakenye bashelwa ngumuzi ebebehlala kuwo kwasha yonkinto eyayiphakathi nokubalwa nawo umfaniswano.

Njengoba le nhlangano ingenabo abaxhasi icele wonke umuntu ongafisa ukulula isandla ukubaathumle umyalezo enombolweni ethi: ethi 36194 noma kwi wesite ethi: www.izwilothando.org.za

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
47% - 8500 votes
It's four more years for Trump
53% - 9655 votes
Vote
ZAR/USD
16.19
(+0.14)
ZAR/GBP
21.09
(+0.36)
ZAR/EUR
19.12
(+0.47)
ZAR/AUD
11.53
(+0.26)
ZAR/JPY
0.15
(+0.28)
Gold
1901.10
(+0.16)
Silver
24.25
(-0.69)
Platinum
872.00
(-2.61)
Brent Crude
41.25
(0.00)
Palladium
2346.00
(-0.90)
All Share
54890.88
(-0.81)
Top 40
50286.90
(-0.80)
Financial 15
10644.91
(-1.35)
Industrial 25
74457.36
(-0.60)
Resource 10
52092.66
(-0.89)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo