Uyisibonelo esihle entsheni

isithombe: NOSIPHO MKHIZEUMnuz Nkanyiso Mchunu ongumsunguli weNkanyiso Foundation.
isithombe: NOSIPHO MKHIZEUMnuz Nkanyiso Mchunu ongumsunguli weNkanyiso Foundation.

OWESILISA osemncane uMnuz Nkanyiso Mchunu (23) ube ngomunye owabamba iqhaza kwi-One Day Leader uchungechunge oludlala kumabonakude njalo ngoLwesine ku-SABC 1 ngo-9 ebusuku.

UMnuz Mchunu uthe wezwa ngomncintiwano walolu hlelo ngomngani wakhe owamkhuthaza ukuba alungenele.

Uthe: “Umngani wami wayengomunye owangenela lo mncintiswano wokuba yingxene ye-One Day Leader ngonyaka odlule. Ungigqugquzele ukuba nami ngiwungenele ngoba ekholelwa ukuthi nginezimfanelo namakhono okuba ngomunye wabangenelile. Ngikwenzile lokho okushiwo umngne wami, ngangenela lo mncintiswano, futhi ngimangale lapho ngithola ucingo ngitshelwa ukuthi ngikhethiwe, kanye nabanye abayi-19.” kusho uMnuz Mchunu.

Okhulumela abakwa-SABC 1 uMnuz Phillip Mabitsela uthe i-One Day Leader uchungechunge lo hlelo lwamabonakude olukhetha abantu abathathu abasebasha ukuba bekhombise amakhono abo obuholi ekudingideni izindaba eziphathelene nezeNhlalakahle, ezoMnotho nezoMbusazwe eNingizimu Afrika njengendlela yokuncintisana ngesihloko esikhethiwe.

“Lolu hlelo lutshengisa indlela intsha eveza ngayo amakhono ayo nangendlela abadingida ngayo izinkinga ezibhekene neNingizimu Afrika.

“Lolu chungechunge luhlose ukufundisa intsha yaseNingizimu Afrika ephakathi kweminyaka eyi-18 kuya kwengama-25 ngamakhono obuholi nokucwaninga izindaba zomphakathi, ezomnotho nezoMbusazwe ezithinta ubuholi bezwe. Lolu hlelo luhlose ukuhlola, ukukhipha nokukhombisa izimfanelo zobuholi zabaseNingizimu Afrika. Lezi zimfanelo zihlulelwa ngezinsuka eziyi-6.”

UMnuz Mchunu uthe nakuba engazange edlulele phambili kulabo abayi-6 aba khethiwe, kodwa ufunde okuningi ngesikhathi ekulabo abangenele lo mncintiswano.

Uthe: “Ngifunde okuningi kulo mncintiswano futhi ngikwazile ukuxhumana nabantu abaningi abanama phupho nemibono efanayo neyami. Ngifundile ukuthi uma abantu bebambisene noma besebenzisana kuningi okungazuzeka.”

Phakathi nomncintiswano, uMnuz Mchunu wabhekana nenselelo kodwa wazama konke okusemandleni akhe ukunqoba leso simo.

Uthe: “Inselelo engabhekana nayo kakhulu emncintiswaneni ingesikhathi kune nkulumo mpikiswano [debate]. Ngangingakaze ngingenele umncintiswano wenkulumompikiswano ngaphambili, kodwa ngazama konke okusemandleni ukubhekana nesihloko esasinikwe sona.”

UMnuz Mchunu umatasa uhlela uhlelo olubizwa ngeNkanyiso Programme ngaphansi kwe-kwenhlangan yakhe engenzi nzuzo ebizwa ngokuthi yi-Nkanyiso Foundation, eyasungulwa ngo-2014.

Uthe: “Lolu hlelo luzo gqugquzela umphakathi wase lokishini nase zindaweni ezise makhaya ukuba bebe ngosomabhizinisi emphakathini. Sizo vakashela izikole ezahlukene nasemiphakathini ukuze sigqugquzele abantu. Sibe nengqungquthela ngaphambilini egqugquzela ukufunda nokubhalwa kwamabhuku ezezimali lapho besi meme khona osomabhizinisi base lokishini ngenhloso yokubafundisa okuningi ngezezimali, kanye nokwabelana ngolwazi mayelana nakho konke okuphathelene neze zimali.”

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngeNkanyiso Foundation nezinhlelo zayo shayela inombolo ethi: 083 383 8834.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 4070 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2771 votes
No, I don't think they need it
36% - 3911 votes
Vote
ZAR/USD
15.29
(-0.52)
ZAR/GBP
21.24
(-0.12)
ZAR/EUR
18.29
(-0.11)
ZAR/AUD
11.81
(-0.08)
ZAR/JPY
0.14
(-0.10)
Gold
1700.44
(+0.04)
Silver
25.20
(+0.16)
Platinum
1128.01
(+0.31)
Brent Crude
69.67
(+3.93)
Palladium
2329.95
(+0.62)
All Share
68271.19
(+0.78)
Top 40
62788.64
(+0.87)
Financial 15
12759.80
(+0.67)
Industrial 25
87613.31
(-0.32)
Resource 10
70801.78
(+2.36)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo