Abafundi bamashele izidingo zabo

ISITHOMBE : lethiwe MakhanyaAbafundi basekolishi i-Midlands TVET ngaphandle kwamasango lapho kade behambise khona uhlu lwezikhalo zabo.
ISITHOMBE : lethiwe MakhanyaAbafundi basekolishi i-Midlands TVET ngaphandle kwamasango lapho kade behambise khona uhlu lwezikhalo zabo.

ABAFUNDI base-Technical and Vocational Education and Training (TVET) College esigcemeni i-Midlands Campus bamshele izidingo zabo ngoLwesithathu olwedlule mhla ka-28 kuNhlolanja (February).

Laba bafundi bahambise uhlu lwezikhalo zabo e-Central Office nalapho lifike lwamukelwa uMnuz D Msomi.

Phakathi kwezikhalo zabo laba bafundi bafuna imali yokugibela abathi kumele iphume esikhwameni esengamele abafundi (NSFAS) abagcina ukuyithola ngesigamu sokufunda esedlule (last semester). Okunye abakhale ngakho ezidingweni zabo umtapowolwazi onezincwadi, ukulungiswa kwezindawo zokuhlala, ukulungiswa kwamafasitela angavuleki cishe ikolishi lonke nokungavulelwa i-computer lab uma befuna ukwenza imisebenzi yesikole.

Laba bafundi bathe banikeza leli kolishi izinsuku eziyi-7 kuphela ukuba liphendule ezikhalazweni zabo. UMengameli wesigungu esengamele abafundi (SRC) kuleli kolishi uMnuz Fana Nyandu uthe bakhathazekile ngalesi simo esenzekayo ekolishi.

“Abanye abafundi baze baphoqeleke ukuba bangezi esikoleni ngoba bengenayo imali yokugibela bese lokho kuyabalimaza ezifundweni zabo.” kusho yena.

Uthe indaba yomtapowolwazi inzima kakhulu njengoba kuyinto edingekayo emakolishi. “Ulwazi oluningi noludinga ucwaningo lutholakala emtapweni wolwazi uma ngabe ke singenawo kuthiwa asiwenze kanjani umsebenzi [assignments]. Negumbi lama-computer nalo livulelwa abafundi laba abenza izifundo ze-computer kuphela, kwenziwelani lokho? Abanye abafundi abafuna ukusebenzisa ama-computer benze njani? Sonke siyayidinga i-internet ukuze senze kahle imisebenzi yethu yesikole siyiqede ngesikhathi ngoba asinayo imali yokuyokhokha kuma-internet cafe,” kubeka yena.

Omunye wabafundi uMnuz Lungelo Shezi waseMkhambathini owenza i-semester yesibili ku-N5 [Financial management] uthe selokhu aqala ukufunda kuleli kolishi akaze ayithole imali yokugibela ekubeni kwakuthiwe uzoyithola.

“Umama wami usephila ngokuthi angibolekele imali yokugibela ukuze ngizokwazi ukuza esikoleni ngingasali ezifundweni. Kukhona ezinye izinsuku ezibuye zingiphoqe ukuba ngingalubhadi nhlobo ngoba isuke ingekho ngempela imali yokugibela. Ukuqala kwenyanga kaMasingana [January] ngike ngahlala isikhathi eside ngingayi esikoleni ngoba bekunzima.

“Ngihleli ngizama ukufonela u-NSFAS ukuthola ukuthi kwenzakalani kodwa angiyitholi impendulo kunalokho kuze kuphele umoya [airtime] bekubambisile,” kubeka yena.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Will you continue to use WhatsApp following the company announcing a change terms of service which would force users to share personal data?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, the terms of service do not bother me enough to switch
52% - 6662 votes
No, I will be switching over to a new service
44% - 5716 votes
I've never used WhatsApp
4% - 517 votes
Vote
ZAR/USD
15.22
(-0.06)
ZAR/GBP
20.67
(-0.12)
ZAR/EUR
18.39
(-0.13)
ZAR/AUD
11.65
(+0.15)
ZAR/JPY
0.15
(-0.05)
Gold
1827.50
(+0.01)
Silver
24.75
(+0.10)
Platinum
1070.99
(+0.29)
Brent Crude
54.89
(-2.34)
Palladium
2377.00
(+0.59)
All Share
63549.75
(-0.52)
Top 40
58446.35
(-0.49)
Financial 15
11916.89
(+0.01)
Industrial 25
83811.01
(+0.08)
Resource 10
63855.25
(-1.46)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo