Abamatekisi bathole isisombululo

IZINHLANGANO zamatekisi ase Azalea nawase 3&J zibe nomhlangano ngoMsombuluko, ngomhlaka 30 kuJulayi, ukulungisa udaba olususe umbhikisho eMbali Unit 3 eduze kwenxanxathela yezitolo i-Greater Edendale ngeledlule, ngoLwesithathu ngomhlaka 26 kuJulayi.

Kubikwa ukuthi imbangela yalombhikisho ukuthi abashayeli bamatekisi akwaPata nawase Azalea bebefuna ukuvunyelwa ukuthi belayishe kumzila wakulendawo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Colonel Thembeka Mbhele uthe: “Singakuqinisekisa ukuthi ngoLwesithathu kube khona umbhikisho e-Edendale lapho khona izinhlangano zamatekisi bezibanga umzila. Amaphoyisa awayitholanga imibiko ngokucekelwa phansi kwezakhiwo noma ngokulimala kwabantu,” kusho yena.

Kepha usihlalo womkhandlu wesifunda saseMgungundlovu we-South African National Taxi Council (Santaco) uMnu. Bheki Sokhela uthe inhlangano yamatekisi akwaPata ayiphumelelanga kulomhlangano kodwa ixolisile.

“Laphana isivumelwano esasikhona nabenxanxathela yezitolo sasithi njengoba kukhona imboni yamatekisi lapha enzansi zonke izimoto ezifuna ukulayisha kuleyandawo kumele zisebenzise leyamboni,” kusho uMnu. Sokhela.

Uqhube wathi izinhlangano zamatekisi ase 3&J, awase Pata kanye nawase Azalea zisungule enye imboni lapho okusuke khona umsindo ngeledlule. “Emhlanganweni sibe sesiyithola indaba ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi basebenzisane, kodwa indlela abasebenzisane ngayo ayilungile ngoba laba ababili bekungafanele belayishe kuleyandawo,” kusho uMnu. Sokhela.

Uthe izinqumo ezithathiwe emhlanganweni wangoMsombuluko zithi isivumelwano somlomo esenziwa yilezinhlangano asilungile ngoba kumele kulandelwe umthetho wezitifiketi zemvume. “Okwesibili ukuthi imboni le esibange umsindo laphaya kumele iphele amatekisi alayishe enzansi lapha emgodini hhayi la okusuke khona umsindo,” kusho uMnu. Sokhela. Uthe esinye isinqumo esithathwe kulomhlangano sithi amatekisi ase 3&J awavumelekile ukuthi avimbe isango lenxanxathela yezitolo. “Ayilayishe la elayisha khona kodwa ingavimbi lapahaya, kune sitobhi lapha ngemuva ayime esitobhini ingayi ukuyovimba esangweni,” kusho uMnu. Sokhela. Ekhuluma naleliphephandaba ngoMsombuluko ngemuva kwalomhlangano uthe lezinqumo seziqalile ukwenziwa. “Kukhulunyiwe kwavumelwana baxolisa laba abanye ngomsindo osuke ngaleyandlela. Bekungafanele kusuke umsindo ngaleya ndlela ngoba kukhona abekade becushisiwe bekufanele ukuthi uma sekukhona abanenkinga ikhulunywe hhayi ukuthi behambe beyovimba umgwaqo,” kusho uMnu. Sokhela Usihlalo wenhlangano yamatekisi ase Azalea uMnu. Dumisani Sibisi uthe: “Sithathe isinqumo sokuthi lemboni yamatekisi ebeyakhiwe izinhlanano ezintathu okungu 3&J, u-Azalea kanye noPata angeke isasebenza kusukela namhlanje, imboni esizo sebenza imboni engaphansi,” kusho yena ekhuluma naleliphephandaba ngemuva kwalomnhlangano obungoMsombuluko.

CONTINUED ON PAGE 5

Uthe inhlangano yamatekisi ase Azalea ayiphikisani nezinqumo ezithathwe emhlanganweni.
Usihlalo wenhlangano yamatekisi ase 3&J uMnu. Xolani Msimango uthe: “Isifunda sithathe isinqumo sokuthi kumele ivalwe lemboni yesikhashana okusho ukuthi abafisa ukulayisha idolobha kumele beye embonini engaphansi kwenxanxathela yezitolo bengayi phezulu.

Thina njengo 3&J sivumelene nesinqumo lesi esithathwe isifunda futhi sikubona njengento elungile ngoba thina sasikade sithi sikwenza lokhu ngoba sithi sikhanda umoya wokuzwana nomoya wokuthula kanti senzela abantu abazobuye besivukele esiswini.” Uthe kulomhlangano kuvunyelwene ngokuthi amatekisi ase 3&J akumele ephazanyiswe emzileni wawo kodwa futhi nawo amatekisi ase 3&J akumele avimbe isango lenxanxathela yezitolo.

Uqhube wathi abaphathi benxanxathela yezitolo babhalelwe incwadi ukubazisa ngalezinqumo.
We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When planning for the Black Friday sales do you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Save, research and plan ahead, preparing to make the most of it?
7% - 988 votes
Wait and see what looks like a good deal on the day?
14% - 1878 votes
Have no interest in spending more money this year?
79% - 10539 votes
Vote
ZAR/USD
15.20
(-0.63)
ZAR/GBP
20.32
(-0.45)
ZAR/EUR
18.12
(-0.61)
ZAR/AUD
11.20
(-0.65)
ZAR/JPY
0.15
(-0.78)
Gold
1809.97
(+0.12)
Silver
23.29
(-0.15)
Platinum
963.00
(+0.40)
Brent Crude
48.73
(+1.57)
Palladium
2368.48
(+2.46)
All Share
57923.69
(+0.31)
Top 40
53084.13
(+0.27)
Financial 15
11645.28
(+0.04)
Industrial 25
79993.34
(+0.20)
Resource 10
52790.93
(+0.35)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo