
UMNDENI wakwaMajozi e-phase 3 eMbali Unit 13 uthi awusazi ukuthi wenze njani njengoba sekuphele iminyaka eyi-7 behleli nezitamukoko ezimbili endlini ezihleli ziqhuma.
Lo mndeni uthi inkinga yaqala ngesikhathi kushintshwa izindlu ababehlala kuzo kudala bese bakhelwa ezintsha ezinamagumbi amane.
Lo mndeni uthe uqale ukuhlala kulendlu ngonyaka wezi-2010 kanti selokhu baqala ukuhlala kuyona banenkinga yezitamukoko eziqhumayo.
UMnuz Buhle Majozi ongumnikazi womuzi utshele intatheli yephephandaba i-Echo ukuthi awukho umnyango angawungenanga ezama ukulungisa indaba yalendlu.
“Kusukela ngo-2010 uMnyango wezeZindlu noMasipala uMsunduzi bathi bayaphenya ngalolu daba, kodwa asiyiboni imiphumela kanti akekho ofikayo kuthina azositshela ukuthi kwenzekalani. Ungayibona into eba khona uma ziqhumile lezi zitamukoko. Indle igcwala igceke lonke enye imfimfe endlini njengoba lezi zitamukoko zisendlini.
“Lezi zitamukoko ezezindlu ezindala ezakhiwa lapha ngaphambi kokuba kwakhiwe lezi ezintsha esesihlala kuzona manje. Angazi ukuthi kungani baqhubeka basakhela indlu phezu kwezitamukoko ngoba ngesikhathi kuzoqala ukwakhiwa lezi zindlu baqala bahlola indawo nonjiniyela. Ngeke ukuthi ababonanga ukuthi kunezitamukoko la bezokwakha khona,” kubeka yena.
Uqhube wathi lezi zitamukoko ziqhume ngoLwesibili olwedlule mhla zili-13 kuNdasa (March) kanti bese kudlule isikhathi esingangesonto kade ziqhumile futhi.
“Bafika abakwamasipala bahlola bathi bazobuya nento ezohlanza njengoba indle ivele igcwale ngaphandle kuvimbanise ngephunga elingabekezeleleki kodwa abazange babuye. Sihlala nengane enezinyanga eziyi-6. Ngesonto eledlule emva kokuba kuqhume lezi zitamukoko igule kwaze kwaphoqeleka ukuba siyihambise kadokotela. Udokotela ufike wasitshela ukuthi kunengciwane eyihogelile.”
UMnuz Majozi uthe abakwamasipala bagcine bebatshela ukuthi bazobathuthela kwenye indawo eMbali eUnit 13 lapho kuhlala khona abantu abasuke besalinde ukulungiselwa izindlu zabo.
Kodwa lo mndeni ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke uze ulubhade lapho wona.
“Into esiyifunayo ukulungiselwa indlu yethu ngokukhulu ukushesha ngoba lento kade sayibika bayayazi futhi banazo nezithombe. Ngeke size siyohlala lapha kule ndawo abayishoyo. Siyabazi abantu abahlaliswa lapha abanye sebeqede iminyaka engaphezu kweyi-5 belindile kodwa abasizakali. Nathi uma siyohlala lapha kusho ukuthi siyobe sesiyanikezela ukuthi indlu yethu ingaphinde ilungiswe,” kubeka yena.
Imizamo yokuthola okhulumela uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu eMgungundlovu uMnuz Mbulelo Baloyi ibhuntshile njengoba engaphendulanga imibuzo athunyelelwe yona kanti futhi nocingo lwakhe belukhala lungabanjwa.