
UMPHAKATHI waseMbali Unit 18 ukhala ngomonakalo odalwa ukuqhuma kwamapayipi amanzi asuka emgaqweni. Lomphakathi uthi cishe sekube nezigameko ezingaphezu kuka 50 kulendawo zokuqhuma kwamapayipi amanzi emgaqweni owodwa.
Ngokusho kukaMnuz Mmeli Mbongwa oyilungu lekomidi le-wadi kulendawo uthe ngeviki elidlule nje amapayipi amanzi aseqhume kane amanzi angena emzini yabantu.
“Inkinga ngalamapayipi ukuthi ahamba emgaqweni eduze kwemizi yabantu nokuthi uma eqhuma amanzi angene emizini yabantu adale umonakalo omkhulu.”
Esigamekweni sokugcina ngeSonto ebusuku kuqhume ipayipi kanti ngenxa yamandla amanzi abehamba ngawo aze alimaza igalaji komunye umuzi okuwona lomgwaqo ogudle inkwali.
“Ngenhlanhla izimoto bezipakwe ngaphansi kompheme zingekho phakathi egalaji kodwa umonakalo mkhulu kakhulu futhi okubi ukuthi uma kufonelwa abantu bakwamasipala ukuthi bazolungisa bafika bazothatha izithombe bese beshiya kanjalo.”
Ongumakhelwane walapho kuwe khona igalaji ubhekene nenkinga njengoba umhlabathi uwe wagcwala igceke lakwakhe. Ekhuluma ne-Maritzburg Echo ugogo uSbongiseni Thabethe uthe cishe uJuni wonke ubethutha amanzi njengoba bekuqhume ipayipi.
“Amanzi aqale amfimfa egcekeni kubonakala ukuthi kukhona lapho konakele khona ngathi uma ngibiza abakwamasipala bangitshela ukuthi angizimbele mina umsele ukuze amanzi angangeni endlini. UJuni wonke bengithutha amanzi egcekeni, ngigqigqa nakodokotela njengoba ngize ngangenwa umkhuhlane,” kusho uThabethe.
Uthe okubakhathazayo ukuthi igalaji lakwamakhelwane lingawa noma inini kube khona umuntu olimalayo.
“Kuzosa kube yinamhlanje asizange silale ngoba amanzi abegeleza yonke indawo. Sesiyasaba nokulala ebusuku ngoba kungenzeka sivuke izindlu ziphezu kwethu. Okunye okubuhlungu ukuthi kuzofika izikweletu zamanzi ezithi sikweleta izizumbulu sibe singazange siwasebenzise lawomanzi.”
Omunye umakhelwane naye ukhale ngokuthi kwakhe cishe seliqhume kathathu ipayipi. “Uma sekufanele apheshwe lamapayipi kuphela cishe izinsuku ezimbili singenawo amanzi kodwa siyawakhokhela zinyanga zonke. Nabakwamasipala uma sibabikela bahudula izinyawo abakhombisi ukusikhathalela njengoba imizi yethu igcina ingekho sesimweni esilungile.”
Lamalunga omphakathi athe njengamanje abhekene nenkinga yokuthi awakwazi nokubikela ikhansela ngalokhu njengoba kuphunywa okhethweni lohulumeni basekhaya namakhansela engakabekwa ngokusemthethweni.
“Ukhona owakwamasipala ofikile ezobheka umonakalo kodwa naye ufike washutha izithombe maqede wangena emotweni yakhe wahamba ethi uyobikela ekufanele beze bazolungisa umonakalo kodwa kuze kube yimanje akukafiki muntu njengoba sekuze kwaqashwa abantu,” kusho uMbongwa.
Okhulumela umasipala woMsunduzi uNqobile Madonda uthe kufanele abenzakalelwe bafake izicelo zesinxephezelo kehhovisi lomshwalense kamasipala.