Amaphoyisa adubule abasolelwa ukuphanga

Isithombe:SithunyelweAmaphoyisa adubule abasolwa ababili okubikwa ukuthi bebezama ukuphanga kwesinye sezitolo esise nkabeni yedolobha laseMgungundlovu ngoLwesithathu oledlule.
Isithombe:SithunyelweAmaphoyisa adubule abasolwa ababili okubikwa ukuthi bebezama ukuphanga kwesinye sezitolo esise nkabeni yedolobha laseMgungundlovu ngoLwesithathu oledlule.

AMAPHOYISA adubule abesilisa ababili abasolelwa ukuzama ukuphanga kwesinye sezitolo esikumgwaqo u-Church enkabeni yedolobha laseMgungundlovu ngoLwesithathu oledlule, ngomhlaka 19 kuJulayi ngabo 3.30 pm ntambama.

Amaphoyisa athe oyedwa wabo udubuleke emlenzeni kanti omunye udubuleke esiswini. Aqhube ngokuthi labasolwa bephelezelwa ngomunye wesithathu bangene kwesinye sezitolo esise nkabeni yedolobha laseMgungundlovu bakhomba abasebenzi ngezibhamu befuna imali.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Lieutenant Colonel Thulani Zwane uthe: “Kuvulwe icala lokuzama ukuphanga kwebhizinisi esiteshini samaphoyisa aseMgungundlovu.”

Uthe emuva kokuthi amaphoyisa ethole umbiko ngalesi sigameko aphuthumele endaweni yesehlakalo ngokushesha.

“Ngokwembiko kudubuleke abasolwa ababili kanti owesithathu umsolwa uphunyukile.

Kubikwa ukuthi abasolwa basabise ilungu lamaphoyisa ngokuthi bazolidubula. Abasolwa abalimale kulesi sigameko baboshiwe,” kusho uZwane.

Amaphoyisa athe umsolwa ophunyukile ubaleke ngemoto yohlobo i-BMW emhlophe.
UZwane uqhube wathi kodwa amaphoyisa agcine emtholile umsolwa wesithathu.

“Umsolwa wesithathu uboshwe ngalo ilanga lesigameko kanti utholakale nesibhamu esingekho emthethweni,” kusho uZwane.
Uthe abasolwa ababili bavele enkantolo ngoLwesihlanu ngomhlaka 21 kuJulayi kanti bagcinwe ngaphakathi kuze kushaye umhlaka 28 kuJulayi.
“UMfanafuthi Maphumulo, oneminyaka engu-20, kanye noSfundo Mkwanazi, oneminyaka engu-20, bavele enkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngomhlaka 21 kuJulayi.

Umsolwa wesithathu oneminyaka engu-26 usasesibhedlela kanti ugadwe amaphoyisa kodwa kulindeleke ukuthi uzokhishwa esibhedlela ngoLwesibili, ngomhlaka 25 kuJulayi,” kusho uZwane.

Okhulumela abosizo lokuqala i-ER24 uWerner Vermaak uthe abasolwa abadubulekile kulesi sigameko baphuthunyiswe esibhedlela.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When planning for the Black Friday sales do you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Save, research and plan ahead, preparing to make the most of it?
7% - 983 votes
Wait and see what looks like a good deal on the day?
14% - 1866 votes
Have no interest in spending more money this year?
79% - 10495 votes
Vote
ZAR/USD
15.22
(-0.69)
ZAR/GBP
20.30
(-0.34)
ZAR/EUR
18.12
(-0.60)
ZAR/AUD
11.20
(-0.66)
ZAR/JPY
0.15
(-0.81)
Gold
1808.70
(+0.04)
Silver
23.34
(-0.01)
Platinum
958.00
(-0.07)
Brent Crude
48.73
(+1.57)
Palladium
2384.00
(+2.88)
All Share
57923.69
(+0.31)
Top 40
53084.13
(+0.27)
Financial 15
11645.28
(+0.04)
Industrial 25
79993.34
(+0.20)
Resource 10
52790.93
(+0.35)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo