‘Asigilosi e-dumpsite thina’

ISITHOMBE: NOMPENDULO NGUBANE Bayaphika abasebenzi bakamasipala e-New England Landfill dumpsite abasolwa abafoshi ngokubabangisa ukucosha kuyo le dumpsite.
ISITHOMBE: NOMPENDULO NGUBANE Bayaphika abasebenzi bakamasipala e-New England Landfill dumpsite abasolwa abafoshi ngokubabangisa ukucosha kuyo le dumpsite.

BAPHIKA bama ngentaba abanye babasebenzi bamasipala uMsunduzi ukuthatha izimpahla ezilahliwe eNew England Landfill Dumpsite bencintisana “nabafoshi” kule ndawo okulahlwa kuyo yonke inhlobo yemfucuza izinkampani ezahlukene.

Iphephandaba i-Echo likhiphe udaba ngesonto eledlule lapho “abafoshi” asebeneminyaka becosha kule ndawo bekhalaze ngomhobholo nomona wabanye babasenzi bamasipala abathe babangisa ukucosha ngaphakathi kule ndawo. Kulaba basebenzi kubalwa labo abaphethe, onogada kanye nalabo abashanelayo maduzane nayo le ndawo yokulahla udoti. Emva kokuveza lokhu, omunye wabazibize ngenduna (supervisor) ngaphakathi uthe yena nabanye babasebenzi bakubona njengokubahlaza bona nemindeni njengoba kuthiwa bamdibi “ekufosheni” nokucosha ngisho ukudla imbala ngaphakathi kule ndawo.

Lona wesilisa, ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe, uthe useneminyaka engu-35 esebenza ngaphakathi kule ndawo. Uthe laba “bafoshi” abakhulume naleli phephandaba basetshenziswa abathile ngenxa yokuthi kunombango wezikhundla oqhubekayo ngaphakathi futhi okade waqala. Uthe kungamanga aluhlaza ukunekwa kwabo ephephandabeni babizwe ngabantu nabo abacosha nabafoshi.

“Lokhu kusihlambalaza ngisho emindenini yethu uma kuthiwa sibanga ukucosha ‘nabafoshi’. Amanga aluhlaza lawo, thina asiyenzi into enjalo. Izingane zethu kanye nabantu basemndenini bathini nje uma befunda lokhu okubhalwe ngathi? Abafoshi okuyibona abakhulume nephephandaba balitshela lokho bakhuluma amanga aluhlaza. Mina ngiyahamba ngiyogilosa esitolo uma ngifuna ukuthenga ukudla.

“Okukho ukudla engiye ngikucosha edumpsite ngihambe, nakho ngiye ekhaya. Kuyasiphoxa ebantwaneni kanye nasemindenini yethu lokhu bakushoyo,” kusho lo mlisa.

Uphinde wagagula igama lesinye sezitolo ezinkulukazi nathe yena uthenga khona uma ethengela umndeni wakhe.

Khonamanjalo omunye wesifazane ongu “mfoshi” uthe abanye babaphathi basabise ngokuthi bazobavala ukuthi beze bazocosha kule ndawo ngoba sebekhulume nephephandaba.

“Kumanje bathe bazobafuna baze babathole labo abakhulume nephephandaba. Abagcinanga lapho kodwa bathe bazosivala ukuthi singene sicoshe ngoba thina sesise kakhulu, sesikwazi ukuhamba sikhulume namaphepha. Ziningi izinto ezenzekayo ngaphakathi kwi-dumpsite zenziwa yibo laba abathi basiphethe ngaphakathi. Kumanje bayasisongela ukuthi bazoyivala i-dumpsite ngoba sikhulume nephephandaba,” kusho lo mfoshi.

Ngenyanga edlule “abafoshi” babhikisha ngenxa yokuthi kwaba nezinsolo zokuthi le ndawo yemfucuza izovalwa.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela umaspala uMsunduzi ungakayiphenduli imibuzo ye-Echo.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As South Africa faces down the third Covid-19 wave, how are you keeping your family safe ?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Staying at home, isolating and being careful
3% - 1434 votes
Sanitising and wearing masks when we go out
14% - 5631 votes
Going on as usual, we're not afraid of the virus
83% - 33912 votes
Vote
Rand - Dollar
13.98
+0.9%
Rand - Pound
19.84
+0.5%
Rand - Euro
17.09
+0.3%
Rand - Aus dollar
10.91
+0.4%
Rand - Yen
0.13
+0.5%
Gold
1,868.68
+0.1%
Silver
28.25
+0.2%
Palladium
2,907.66
+0.2%
Platinum
1,223.00
-1.7%
Brent Crude
69.46
+1.1%
Top 40
61,190
-0.0%
All Share
67,255
+0.1%
Resource 10
70,784
+0.2%
Industrial 25
83,774
-0.3%
Financial 15
12,689
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo