Babangisa abafoshi bemfucuza abasebenzi bakamasipala

ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE ILandfill dumpsite kumgwaqo i-New England lapho abafoshi bekhala ngokyhlukunyezwa nangokubangiswa ukucosha abanye babasebenzi bakamasipala.
ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE ILandfill dumpsite kumgwaqo i-New England lapho abafoshi bekhala ngokyhlukunyezwa nangokubangiswa ukucosha abanye babasebenzi bakamasipala.

“ASIFOSHI sodwa” lawa ngamazwi abafoshi (waste pickers) kuNew England Landfill Dumpsite abakhala ngokuthi bazithola sebefosha noma becosha izinto kanye nabasebenzi bakam asipala kule ndawo yokulahla imfucuza.

Laba bafoshi abakhulume nephephandaba i-Echo bathe babanga ukucosha izinto nabasebenzi bakamasipala okubalwa onogada, ilaba abahlanza umgwaqo kanye nabakwi management kuyo lendawo yokulahla imfucuza.

Abanye babafoshi bathe lokhu bakubona kuwumhobholo nomona njengoba labasebenzi bona besebenza kodwa bebangisana nabo ukucosha izinto ngisho nokudla imbala.

Owesifazane oqale ukufosha kule ndawo kusukela ngo 2006 uthe lokhu kuyabakhathaza ngoba nabo bayazizamela ukuphilisa imindeni yabo.

“Ziningi izinkinga ezikhona kule ndawo. Okubi kakhulu ukuthi sibanga nonogada kanye nabanye abasebenzi ukucosha uma izimoto sezifikile ukuzothulula. Sizithola sihlukumezeka kakhulu ngalokhu ngoba ayikho nendawo lapho singaya khona ukuyobika lolu daba. Kuwumkhuba omdala okade waqala kanti siye sizibuze ukuthi bakwenza kanjani abantu abasebenzayo ukuthi bazobangisa thina esingasebenzi ukuzocosha.

“Okufike kumangalise ukuthi nalabo abaphethe khona lapha nabo sifosha kanye nabo. Omunye wabo nje igilosa mihla yonke uyithola lapha. Uye ubone eseqiqinge yonke into eseyiphethe uma sekuyintambama sekuyiwa emakhaya. Sikubona kuyelikhulu ihlazo, umona kanye nomhobholo ukubangisana nabantu abangasebenzi,” kusho lona wesifazane.

Lo mfoshi wesifazane akuyena yedwa obhodla umlilo ngalokhu kodwa omunye wesilisa umfoshi yena uthe, abanye balezi zisebenzi zakamasipala ezicosha nabo sebenamakhasimende abo ngabodwana.

“ Bagcina sebenamakhasimende abo avele aqonde kubona ezothenga kubona izinto. Lokho kukodwa kukhombisa ukuthi abanendaba futhi ababacabangeli abanye abantu kodwa bazicabangela bona bodwa. Esikufisayo ukuthi bayiyeke lento abayenzayo. Abayeke ukusiphuca iqatha nesinkwa sabantwana bethu emlonyeni,” kuqhuba umlisa.

Okhulumela umasipala uMsunduzi uNkk Nqobile Madonda uthe abasebenzi abavumelekile ukucosha izinto kwi site. Uqhube wathi abafoshi bangalubika lolu daba lwabo kophethe ezokuphepha emgwaqeni ku Washington noma babike ku mlawuli kamasipala kodwa baqinisekise ukuthi banobufakazi kokuthi lokhu kuyenzeka.

“ Siphinde sanxusa ukuthi ezokupheph a zinakekelwe ukuthi abasebenzi nabafoshi baphephe kule ndawo. Njengoba belukeya ndawo abakhonele ukuzovimba abafoshi ukuthi bacoshe kodwa bazele ukuthi baqinisekise ezokuphepha,” kusho uMadonda.

-

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Is social media doing more harm than good?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, our children are exposed and we can't protect them
49% - 3674 votes
Yes, but social media is part of the new reality
46% - 3395 votes
No, it's great for growing a child's world view
5% - 365 votes
Vote
USD/ZAR
14.18
-1.4%
GBP/ZAR
19.71
-1.4%
EUR/ZAR
17.12
-0.8%
AUD/ZAR
11.04
-0.8%
JPY/ZAR
0.13
-1.2%
Gold
1,815.32
+1.6%
Silver
27.32
+3.1%
Palladium
2,950.04
-0.9%
Platinum
1,255.50
+2.1%
Brent Crude
68.96
+0.1%
Top 40
61,706
+0.3%
All Share
67,609
+0.4%
Resource 10
69,984
-0.5%
Industrial 25
86,103
+0.5%
Financial 15
12,567
+1.7%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo