Babhikishele ugesi emafulethini

Amaphoyisa kanyenabezicishamlilo becisha amathayi akade evale umgwaqo.PHOTO: lethiwe makhanya
Amaphoyisa kanyenabezicishamlilo becisha amathayi akade evale umgwaqo.PHOTO: lethiwe makhanya

ABAHLALI basemafulethini i-Manor Flats bathi basazoqhubeka nombhikisho kuze kube uMasipala uMsunduzi ubavulela ugesi.

Laba bahlali bathukuthele bavala umgwaqo ngamathayi avuthayo kusuka ngoMsombuluko kwaze kwaba uLwesithathu ngemuva kokuba bevalelwe ugesi uMasipala uMsunduzi ngoMsombuluko mhla ka-9 kuMbasa (April).

Laba bahlali abebevutha bengabaselwe bathi ugesi wabo uvalwe ngoMsombuluko ekuseni ngabasebenzi bakwamasipala ngaphandle kwesizathu.

Babe sebevuka inja ebovu bavala umgwaqo u-Ortman Road bethi bafuna umasipala ubavulele ugesi.

Omunye walabahlali obeyingxenye yombhikisho okhulume nentatheli yephephanda i-Echo kodwa wangathanda ukudalula igama lakhe uthe:

“Umasipala ujwayele ukwenza lento yokuthi usicishele ugesi ngaphandle kwesizathu. Sesikhathela manje sekufike lapho singeke sisakwazi khona ukubekezela ,” kubeka lona.

Uqhube wathi bayazi ukuthi ukucishelwa kwabo ugesi ingoba befuna basayine isivumelwano sokuhlala (lease) esisha nabathi yinto angeke baze bayenze leyo.

“Mina sengihlale kulendawo isikhathi esingaphezu kweminyaka engama-20 asikaze sishintshe isivumelwano. Kungani sebefuna ukusishintsha manje? Asizimisele ngokusayina lesi sivumelwano esisha ngoba asihambisani naso. Kulesi sivumelwano esisha bafuna ukuthi sikhokhe imali yokuhlala engaphezu kwalena esiyikhokhayo manje. Asinayo thina leyo mali abayifunayo. Lendawo yenzelwa abantu abahola kancane asazi ukuthi bangakwenza kanjani ukuthi bafune ukusinyusela imali esiyikhokhayo,” kuchaza yena .

Omunye umhlali naye ongathandanga ukudalulwa ngoba esaba ukuxoshwa kule ndawo uthe sebekhathele umasipala.

“Kungani kumele behleli becishela thina njalo ugesi? Okusicasula kakhulu ukuthi abasichazeli lutho ukuthi kungani besicishela bavele bafike bacishe bahambe.”

Ikhansela lakulendawo uMnuz Nkululeko Mkhize uthe uhlanganile nabahlali ngoMsombuluko kwavunyelwana ngokuthi uzoba nomhlangano neziphathimandla zakwamasipala okubalwa khona neMeya uMnuz Themba Njilo.

“Ngokwemiyalezo engiyotholile ugesi kuthiwa ucishelwe labo bahlali abangafuni ukuphumela obala ukuthi basebenza kuphi nalabo abangafuni ukusayina isivumelwano sokuhlala (lease) esisha.

“Kuthiwa uma abahlali bengakwenzi lokhu bazohlala bengenawo ugesi futhi bazodluliselwa kubameli.

“Emizamweni eminingi yokudingida lolu daba sigcine sesitshelwa ukuthi ukucishwa kogesi wabahlali kungenxa yokuthi abafuni ukwenza izinhlelo zokuthi bakhokhele ugesi wabo,” kubeka yena.

Okhulumela uMasipala uMsunduzi uNkk Thobeka Mafumbatha uthe abahlali bakulamafulethi bacishelwe ugesi ngoba bengakhokhile.

“Banezikweletu esezeqile ingakho ugesi uvaliwe. Umasipala uzowuvula uma sebekhokhe izikweletu zabo.”

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 3267 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2246 votes
No, I don't think they need it
36% - 3155 votes
Vote
ZAR/USD
14.95
(-0.26)
ZAR/GBP
20.85
(-0.13)
ZAR/EUR
18.07
(-0.17)
ZAR/AUD
11.69
(-0.10)
ZAR/JPY
0.14
(-0.10)
Gold
1731.09
(-0.28)
Silver
26.55
(-0.48)
Platinum
1200.00
(+0.32)
Brent Crude
62.54
(-1.55)
Palladium
2361.48
(-0.01)
All Share
68510.75
(+1.44)
Top 40
63104.70
(+1.61)
Financial 15
12568.48
(+0.90)
Industrial 25
89150.72
(+1.21)
Resource 10
70539.82
(+2.28)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo