“ANGEKE size siphumule kuze kube sithola ubulungiswa ngokubulawa komunye wethu.”
Lawa ngamazwi kaMnu Brian Zuma nongumalume wowesifazane owatholwa ebulewe nokusolwa ukuthi waphinde wadlwengulwa endaweni yase-Edendale ngasekuqaleni kwalenyanga. UNks Nonhlanhla Kunene (37) watholwa ebulewe ngomhlaka-6 kuNdasa (March) ngasesikoleni samabanga aphansi i-Edendale Primary. Isidumbu sakhe sasinqunu, kanti imilenze yakhe yayivuliwe wabe eseshiywa kanjalo.
Umndeni wakhe ukhala ngamaphoyisa asesiteshini sase-Plessislaer owasola ngokuthi ahudula izinyawo ekubhekaneni naleli cala. UMnu Zuma uthe kumanje abazi nanokuthi ubani umphenyi wecala kanti futhi akaze aze afike ngisho ukuzokhuluma nomndeni ukuzowuchazela ukuthi kuqhubekani ngecala. “Umshana wami wabulawa wadlwengulwa kodwa iyona indlela amaphoyisa enza ngayo le ukubhekana necala? Leli icala elibucayi futhi elinzima ekumele engabe libekwe eqhulwini phezulu kodwa loko akwenzeki. Kumanje angazi nanoma ubani umphenyi wecala,” kubeka yena.