
UMNDENI wakwaNtombela endaweni yaKwaZayeka eSweetwaters uthi uhleli lubhojozi ngenxa yentambo kagesi elengela phezu komuzi wabo nabathi basabela ukuthi ingaqhuma noma nini bese ilimaza izingane ishise nomuzi.
Lo mndeni uthi sekuphele iminyaka emibili ulengelwa yile ntambo.
Ngokusho komnikazi womuzi, uNkk Mavis Ntombela, uthe inkinga yaqala eminyakeni emibili eyedlule ngesikhathi kwakhi- wa indlu yomxhaso emzini abakhelene nawo.
Utshele i-Echo ukuthi ngemuva kokuba kwakhiwa le ndlu, kwathinteka izigxobo zikagesi nokwaholela ekutheni intambo kagesi ethwele umlilo ilenge ize ihushe phansi.
“Ngesikhathi benza indlu yomxhaso sazitshela ukuthi uma ngabe beqeda bazoyilungisa intambo. Ngemuva kokubona ukuthi intambo [ihusha phansi] ngahamba ngayobika kulabo akade bakha indlu babuya bazobheka ngethemba lokuthi bazobuya bazoyilungisa kodwa abazange babuye.
“Ngabika ngisho nakamasipala kodwa nabo abangisizi.
“Uma ngabe sengifona manje bavele bangasaluphenduli ucingo nokungenza ngicabange ukuthi sebeyangibalekela,” kubeka yena.
Uthe wabika nasekhanseleni lendawo lathembisa ukuthi lizofika nabantu bazobheka le ntambo bese iyalungiswa kodwa lokho akwenzekanga.
Uqhube ngokuthi bahlalele ovalweni lokuthi ngelinye ilanga le ntambo iyovele iqhume ishise umuzi iphinde ilimaze nezingane.
Uthe izingane ezincane sezithole into ezizodlala ngayo njengoba zivele ziyibambe bese zishwiba kuyona uma ngabe zibona ukuthi akekho umuntu ozibonayo.
“Ngihleli ngizikhuza kodwa izingane sonke siyazi ukuthi ziyaganga. Angeke ngaso sonke isikhathi ngihleli ngigade izingane ukuthi zingagangi.
“Sesizamile ukuthi sifake izigxobo ukuthi siyiphakamise le ntambo kodwa siyabona ukuthi usuku nosuku iyehla izogcina isihula phansi futhi. Angisazi mina ukuthi kumele ngenzeni.
“Kuzomele kuze kuphume isidumbu yini ukuze luzosukunyelwa lolu daba? Sikhathele manje ukuphila ngokwesaba njalo. Ngesikhathi kudonseka intambo nesigxobo sikagesi siyatsheka.
“Siyakujabulela ukuthi babelethe intuthuko endaweni yethu kodwa kumele phela balungise uma ngabe kukhona lapho sekuthinteke khona bangashiyi nje kanjalo,” kubeka yena.
Ikhansela lakule ndawo uMnu Sbusiso Mtshali uthe ubengazi ngalolu daba.
“Ngiyabagqugquzela abantu ukuthi babike kamasipala uma ngabe sebethole
i-reference number bese banginikeza
yona ukuze ngizolandelela ukuthi kungabe kwenzeka njani ukuze inkinga yabo izolungiseka,” kubeka yena.
Okhulumela uMasipala uMsunduzi uNks Thobeka Mafumbatha akatholakalanga ukuphawula kuze kwashaya isikhathi sokushicilela.