
I-HOT Toffee Communications ngokuhlangana nomtapowolwazi wase-Ashdown babe nomcimbi wokuhlanganisa amaciko ahlukene owaziwa ngokuthi i-Roots of Imbali.
Lo mcimbi bewuse mtapweni wolwazi wase-Ashdown ngoLwesine olwedlule mhla ka-3 kuMfumfu (October).
Kulo mcimbi bekuhlangene izikole ezahlukene, amalunga omphakathi kanye namaciko aziwayo.
Ngokusho kukaNks Pretty Oliphant uthe lo cimbi wandulela omkhulu ozoba khona ngenyanga kaZibandlela(December).
Uthe lomcimbi bavamise ukuwenza kodwa bekungokokuqala ukuthi bawenze ngokuhlanganyela nomtapowolwazi wasendaweni yase-Ashdown.
“Lolu uhlelo lwamaciko oluqhakambisa ngamaciko kanye namathalente ahlukene ngokuxoxa izindaba, ukudansa, ukudla kanye nokunye.
“Asigcinile lana kodwa sisazodlulela nakwenzinye izindawo siyovakashela nezinye izikole kwezinye izindawo.
“Indawo esizoya kuyona elandelayo i-Eastwood nalapho sizohlanganisa khona izikole ezintathu ezahlukene,” kubeka yena.
Uqhube wathi lokhu bakwenza ngoba bafuna ukusiza intsha esakhula ukuba bayikhombise ukuthi ziningi izindlela abangazithuthukisa ngayo ukuze baphumelele.
UNkk Yenzi Ntshangase wase mtapweniwolwazi uthe bakujabulele kakhulu ukusebenzisana nale nhlangano.
Uthe loku kuhlangana okunjena kuzoba usizo olukhulu ngisho nasemalungeni omphakathi ngoba azokwazi nokuthi athole ulwazi ukuthi angawusebenzisa kanjani umtapowolwazi ukuthuthukisa amaciko abo.
“Sifuna ukuphusha abantu sibakhuthaze ukuthi bazame ukuzimela basebenzise amathalente kanye [nobuciko] abanabo.
“Sifuna ukuthi bakwazi ukuziphilisa ngamathalente abo abaphiwe uMdali,” kubeka yena.
Uthe abantu kumele bazi ukuthi emtapweniwolwazi akufundwa nje kuphela izincwadi kodwa kukhona nolwazi lokuzithuthukisa ongakwazi ukuthi uluthole.
“Isikhathi esiningi uyaye uthole ukuthi uma ngabe abantu sebephumile esikoleni bavele bayeke ukuza emtapweniwolwazi ngoba banenkolelo yokuthi kumele uwusebenzise kuphela uma ngabe usafunda isikole.
“Umtapowolwazi uyakusiza ezintweni eziningi ngisho kuthiwa awusekho esikoleni,” kubeka yena.