Bangenelwe iloli endlini

UNkk Lindiwe Mdlule eme endlini yakhe ewiswe iloli.ISITHOMBE: lethiwe makhanya
UNkk Lindiwe Mdlule eme endlini yakhe ewiswe iloli.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

UMNDENI wakaNkwanyana endaweni yaKwaMpumuza uthi ucela usizo kunoma ubani ongakwazi ukulula isandla ngemuva kokuba umuzi wabo wangenwa iloli wawa wonke.

Lo mndeni okumanje uhlala etendeni elincane uthi iloli langena endlini yawo yodaka eyayinamagumbi amane mha zili-12 kuMandulo (September).

UNks Lindiwe Mdluli nongumama wekhaya utshele i-Echo ukuthi wayesele yedwa ekhaya ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

“Ngakuyizikhathi zasemini izingane zonke zingekho ziye esikoleni.

Ngangisemnyango ngiyokha amanzi ngebhakede empompini ngesikhathi ngizwa umsindo nengathi uma ngithi ngiyabheka ngabona ukuthi iloli.Indlela elaligijima ngayo laqale lashaya isigxobo sikagesi ngabe sengibaleka ngiya komakhelwane ngoba ngangizitshela ukuthi liza kumina. Angibange ngisabona ukuthi langena kanjani endlini kodwa ngezwa ngomsindo nje ngathi ngiyabona yonke indlu isiwe phansi.

“Yonke into eyayiphakathi yalimala sasala nezinto ezincane esakwazi ukuthi sizikhiphe kodwa izinto eziningi asikwazanga ukuzikhipha kokubalwa kuzona ngisho omazisi kanye nezitifiketi zokuzalwa zezingane kanye namakhadi okuhola imali yesibonelelo sika hulumeni,” kubeka yena.

Uthe kumanje bahlala etendeni abalinikezwa umasipala kanye nezimpontshi eziyisithupha kanye nezingubo eziyisithupha kodwa kuyafana loko akwanele njengoba behlala beyisi thupha etendeni elilodwa elincane.

“Abantwana bethu ababili abadala sekuze kwasiphoqa ukuba sibacelele ukuthi balale komakhelwane ngoba ayikho indawo kuleli tende yokuthi singandlala izimpontshi ezingasenela sonke ukuthi silale kuzona. Asinawo ngisho ugesi uma sifuna ukupheka sibasa phansi emnyango.

“Impilo imile asikwazi ukwenza lutho. Izingane ngeke zize zikwazi ngisho ukuthola imali yesibonelelo kule nyanga ngoba azinawo amakhadi. Nginengane efunda umatikuletsheni ekumele engabe ngiyoyishayela umazisi kodwa angikwazi ngoba kwamina anginawo. Nginethemba lokuthi uma ngabe sekususwe iloli ngizokwazi ukuthi ngithothe izinto ezibalulekile njengoba ngangizipakishe zonke ndawo kwifayela. Ngiyathemba ukuthi azizange zingenwe imvula njengoba kade kunetha.”

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When assisting your child with remote learning this year, did you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Follow the school's comprehensive sexuality education (CSE) curriculum?
13% - 209 votes
Adjust the CSE curriculum to suit the family's morals?
24% - 371 votes
Ignore the schools CSE programme and do your own teaching?
63% - 979 votes
Vote
ZAR/USD
15.45
(-1.47)
ZAR/GBP
20.61
(-1.49)
ZAR/EUR
18.44
(-1.16)
ZAR/AUD
11.35
(-0.74)
ZAR/JPY
0.15
(-1.20)
Gold
1776.65
(-0.54)
Silver
22.60
(-0.10)
Platinum
962.50
(+0.06)
Brent Crude
47.90
(0.00)
Palladium
2364.69
(-1.94)
All Share
57091.89
(-1.26)
Top 40
52375.50
(-1.22)
Financial 15
11158.56
(-3.62)
Industrial 25
78965.65
(-1.16)
Resource 10
52703.42
(-0.19)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo