Basola isimo esibi somgwaqo ngengozi ebulale abahlanu

IZIHLOBO zezisulu ezinhlanu ezishayiswa imoto yohlobo lweveni ngoLwesihlanu lwephasika mhla ka-30 kuNdasa (March) emgwaqeni u-Edendale Road endaweni yaKwaShange zithi uMnyango wezokuThutha kumele uyibhekelele le ndawo ufake izinto zokwehlisa ijubane ukuqinisekisa ukuthi ingozi enjengalena ayiphinde yenzeke.

Kule ngozi kushone uNks Mandisa Mncwabe (17), Mnuz Sfiso Ndlovu (35), Mnuz Nkanyiso Mncwabe ((26), Mnu Mzwenhlanhla Radebe (28) noMnuz Pius Mnyandu (26).

Bonke laba abashonile kuthiwa bebemile eceleni komgwaqo ngesikhathi kufika leli veni libashayisa.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal uKapteni Nqobile Gwala uthe lesi sigameko senzeka ngo- 7 ntambama.

Uthe umshayeli weveni lwehlobo lwe-Nissan wayezama ukudlula imoto eyayiphambi kwakhe ngesikhathi ebona ukuthi ayikho imoto ezophambana naye.

Uthe umshayeli wazama ukuyibuyisela emzileni wakhe imoto kodwa wahluleka wabe eseshayisa abantu abahlanu ababeme eceleni komgwaqo.

“Umshayeli walimala emva kokugwazwa amalungu omphakathi abona le ngozi ngesikhathi yenzeka kodwa uyalulama esibhedlela. Amaphoyisa aphenya amacala okubulala ngokungenhloso ayisihlanu nelokuzama ukubulala kodwa bekungakaboshwa muntu,” kubeka uKapteni Gwala.

UNkk Dolly Mncwabe ongu-anty kaMnuz Nkanyiso Mncwabe utshele intatheli yephephandaba i-Echo ukuthi bengumndeni basashaqekile ngalesi sigameko.

“UNkanyiso wayephuma emcimbini womphakathi owawuse hholo lomphakathi ngesikhathi ehlelwa ilesi sigameko. Ukuphuma kwakhe waphuma ehholo ethi uyothenga i-airtime wabe esedlula esethatha umngane wakhe endaweni yokuwasha izimoto ukuba amphelezele baye esitolo.

“Le ngozi inyantisa igazi. Besiqala ukubona into efana nalena yenzeka eduze nathi. Ngihleli ngiyibona kumabonakude yenzeka kwezinye izindawo bengingazi ukuthi nathi iyoze isifice size silahlekelwe ilungu lethu. Sibuhlungu kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaNkanyiso,” kubeka yena.

Uqhube wathi kujwayele ukuthi izimoto zidlule zihamba ngesivinini esikhulu kule ndawo kanti iyingozi. Uthe uMnyango wezokuThutha wake wazama ukufaka izivimbela jubane (speed humps) ngaphambilini kodwa zaphinde zasuswa.

“Babezenze kahle ekuqaleni kwakungukuthi kunabantu abakhelene nomgwaqo ababekhala ngokuthi uma kudlula amaloli kulimala izindlu zabo.

Zabe sezisuswa ke izivimbela jubane ngemuva kwalezo zikhalazo. Ngicabanga ukuthi kungaba ngcono uma bengafaka lezi ezinkulu ngoba ekuqaleni babefake lezi ezincane.”

UNkk Mncwabe uthe basamatasa ngamalungiselelo enkonzo yesikhumbuzo ezoba ngoLwesine kodwa wathi ubengakabi nesiqiniseko sendawo.

Le nkonzo izohlanganisa bonke abashone kule ngozi kanti imindeni izobe isizingcwabela ngokwehlukana ngempelasonto.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
37% - 2406 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 1734 votes
No, I don't think they need it
37% - 2410 votes
Vote
ZAR/USD
15.09
(-0.16)
ZAR/GBP
21.02
(-0.23)
ZAR/EUR
18.22
(-0.19)
ZAR/AUD
11.62
(-0.25)
ZAR/JPY
0.14
(-0.54)
Gold
1734.50
(+0.02)
Silver
26.67
(+0.05)
Platinum
1186.51
(+0.42)
Brent Crude
64.40
(-2.56)
Palladium
2310.00
(+0.58)
All Share
66138.05
(-1.99)
Top 40
60754.30
(-2.11)
Financial 15
12200.05
(-1.09)
Industrial 25
86144.34
(-0.81)
Resource 10
67459.85
(-4.14)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo