Basola ukukhwabaniswa kwezimali esikoleni

ABAZALI bezingane ezifunda esikoleni samabanga aphansi i-Grange basabisa ngokuvala amasango alesi sikole ngombhikiso uma kungukuthi uMnyango wezeMfundo awulusukumeli udaba lokusetshenziswa kwezimali kulesi sikole.

Laba bazali basola isandla semfene ekunyamalaleni kwezimali zesikole ezingaziwa ukuthi zishonaphi kanti futhi akekho ophumela obala ukuthi kungabe kweziweni ngazo.

Emasontweni amabili edlule abazali kanye nobuholi obusanda kuqokwa besigungu esimele abazali (SGB) babize umhlangano nalapho kade bezofuna khona izimpendulo kuthishanhloko wesikolengezimali eziphumayo kodwa kungaziwa ukuthi ziyaphi.

Abazali abakhulume nephephandaba i-Echo bathe abagculisekile ngezimpendulo abazithola ngodaba lwezimali zesikole ingakho befuna umnyango ungenelele.

Laba bazali abagcinanga nje ngokuba nomhlangano kodwa bahambisa nencwadi yezikhalo zabo ebhekiswe emnyangweni neyasayindwa amalungu e-SGB.

Omunye wabazali ongathandanga ukuba kudalulwe igama lakhe uthe: “Sekunesikhathi eside lenkinga yokunyamalala kwezimali iqhubeka kulesi sikole kodwa uma sithi sifuna izimpendulo asizitholi. Imiqhafazo ebika ngokungena nokuphuma kwezimali zesikole ebhange ingena kumakhalekhukwini womuntu osebenza khona esikoleni kodwa ongahlangene nezimali naye ongaphumeli obala ukuthi izimali zisuke ziphuma ziyaphi.

“Uma ebuzwa ukuthi uma ebona imiqhafazo [sms] ebika ukuthi khona imali ephumayo, uye athini?, uvele asitshele ukuthi akayifundi imiqhafazo ngoba uhleli ematasatasa.

Uchaza ukuthi umakhalekhukhwini wakhe akawubheki nakancane nje?,” kusho yena.

Omunye umthombo ongaphakathi esikoleni ongathandanga ukudalulwa nawo uthe bayasola ukuthi kuningi okufihliwe okusazovela njengoba sekuqokwe isigungu esimele abazali esisha.

“Kuningi okufihliwe okungalungile obekwenziwa kulesi sikole. Kumanje isigungu esidala sisha amashushu sifuna ukubuyela esikhundleni.”

USihlalo wesigungu esimele abazali esisanda kuqokwa uMnuz Mzwandile Goge ukuqinisekisile ukuthi abazali abanemene ngokusebenza kwezimali zesikole nokuthi babhale incwadi beyibhalela uMnyango nalapho kade bewunxusa khona ukuthi uphenye ngokusebenza kwezimali kulesi sikole.

Uthe: “Kuphinde kwaba nomhlangano futhi ngemuva kokuba kuhanjiswe incwadi emnyangweni nalapho abazali kade bezofuna khona izimpendulo.

“Abazali abajabulile neze kangangokuba basabisa ngokuthi uma kungekho okwenziwayo bazovala amasango kungafundwa.

“Asifuni-ke ukuthi kuze kugcine lapho ngoba kuzogcina sekuhlukumezeka nezingane kuphazamiseke nokufunda.

“Ingakho sifuna lento ilungiswe ngokushesha ukuze kuzoba nokuthula,” kubeka yena.

Uthe njengesigungu esimele abazali bazimisele ukwenza konke okusemandleni abo ukuqinisekisa ukuthi lolu daba luya xazululwa ukuze ukufunda kunga phazamiseki.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMnu Kwazi Mthethwa akaphendula imibuzo athunyelelwe yona ngesikhathi sokushicilela.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 4064 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2769 votes
No, I don't think they need it
36% - 3905 votes
Vote
ZAR/USD
15.29
(-0.52)
ZAR/GBP
21.24
(-0.12)
ZAR/EUR
18.29
(-0.11)
ZAR/AUD
11.81
(-0.08)
ZAR/JPY
0.14
(-0.10)
Gold
1700.44
(+0.04)
Silver
25.20
(+0.16)
Platinum
1128.01
(+0.31)
Brent Crude
69.67
(+3.93)
Palladium
2329.95
(+0.62)
All Share
68271.19
(+0.78)
Top 40
62788.64
(+0.87)
Financial 15
12759.80
(+0.67)
Industrial 25
87613.31
(-0.32)
Resource 10
70801.78
(+2.36)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo