Bayalwe ngokubaluleka kwemfundo KwaPata

IZITHOMBE: lethiwe makhanyaAbafundi ekade benza ibanga lika-Grade 8 ngonyaka ophelile abahlomulile (ngemuva, kusuka kwesobunxele) Oyama Gatwana, Phiwokuhle Funeka, Nikelani Mkhulusi, (ngaphambili) Vuyani Hlongwane (kwesobunxele) kanye noLuthando Ngcobo.
IZITHOMBE: lethiwe makhanyaAbafundi ekade benza ibanga lika-Grade 8 ngonyaka ophelile abahlomulile (ngemuva, kusuka kwesobunxele) Oyama Gatwana, Phiwokuhle Funeka, Nikelani Mkhulusi, (ngaphambili) Vuyani Hlongwane (kwesobunxele) kanye noLuthando Ngcobo.

“AKUBALULEKILE ukuthi uphumaphi, kodwa okubalulekile ukuthi yini oyenzayo ngekusasa lakho.” Lawa ngamazwi asetshenziswe uMnuz Nsibande ngesikhathi eyala abafundi basesikoleni samabanga aphakeme i-KwaPata Secondary ngesikhathi kunomcimbi wokuklomelisa abafundi abenze kahle ezifundweni zabo ngo-2017.

Lo mcimbi ubuse hholo laseMbali Unit J ngoLwesine olwedlule mhla zili-15 kuNdasa (March). Lo mcimbi ugujwa minyaka yonke lapho kuklonyeliswa khona abafundi abenze kahle esifundweni ngasinye kusuka ka-Grade 8 kuze kuyofika kumatikuletsheni.

UMnuz Nsibande eowayenguthishanhloko wakulesi sikole utshele laba bafundi ekade begcwele ihholo ukuthi bangabheki lapho bevela khona, kodwa basebenzele ukushintsha izimpilo zabo nezemindeni yabo ukuthi zibe ngcono.

Uthe: “Indawo noma ikhaya ophuma kulona alichazi ukuthi ngeke ubenalo ikusasa. Akusiwo wonke umuntu othola ithuba lokuya esikoleni ukuze ezoba nekusasa. Kumele nifunde ngokuzimisela ukuze nizoba ngabantu abangcono. Abazali benu bahleli emakhaya balinde nina ukuthi nifunde ukuze nizobuya nishintshe isimo sasekhaya.

“Ithemba labantu ekhaya nasemphakathini wakho likuwena njengomfundi. Zazi ukuthi ufunani empilweni uhloniphe futhi, ngoba ngaphandle kwenhlonipho ngeke uze uye ndawo,” kubeka yena.

Uphinde wagqugquzela abazali ukuba beseke izingane zabo, othisha nesikole. Uthishanhloko wesikole uMnuz Sfiso Zuma uthe lo mcimbi wokuklomelisa abafundi bawuhlela ngenhloso yokwenza ushintsho ezimpilweni zabafundi nasemphakathini.

Uthe: “Sizama ukukhuthaza abafundi ukuthi basebenze kanzima ukuze bezokwenza ushintsho emphakathini yabo. Siyazi ukuthi bangakwazi ukukwenza lokho. Into esiyidingayo ukusebenzisana nje. Kuyasijabulisa kakhulu ukubona abantwana ekade sibafundisa sebephumelela,” kusho yena.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Will you continue to use WhatsApp following the company announcing a change terms of service which would force users to share personal data?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, the terms of service do not bother me enough to switch
52% - 6430 votes
No, I will be switching over to a new service
44% - 5527 votes
I've never used WhatsApp
4% - 489 votes
Vote
ZAR/USD
15.21
(-0.93)
ZAR/GBP
20.68
(-0.18)
ZAR/EUR
18.38
(-0.28)
ZAR/AUD
11.73
(+0.00)
ZAR/JPY
0.15
(-0.84)
Gold
1825.20
(-1.10)
Silver
24.69
(-3.26)
Platinum
1075.26
(-3.63)
Brent Crude
56.41
(+0.64)
Palladium
2388.00
(-0.48)
All Share
63549.75
(-0.52)
Top 40
58446.35
(-0.49)
Financial 15
11916.89
(+0.01)
Industrial 25
83811.01
(+0.08)
Resource 10
63855.25
(-1.46)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo