Indida ngesidumbu esitholwe eDambuza

USASHAQEKILE umphakathi wasendaweni yakwaDambuza ngemuva kokukhothalakala kwesidumbu sowesilisa sidindilizile kule ndawo.

Ngokuthola kwe-Echo isidumbu sowesilisa oneminyaka engama-51 amalunga omphakathi ngoLwesinhlanu olwedlule mhlaka-8 kuLwezi (November) sinenxeba lokugwazwa. Imbangela yokubulawa kwakhe ibingaka caci. Ikhansela lakule ndawo uMnu Mntuza Mkhize uthe sibuhlungu kakhulu lesi sigameko kanti futhi siyinto abangafuni ukuyibona iphinda yenzeka. Uthe ngolwazi alutholile kuthiwa lona wesilisa otholiwe ubephuma endaweni yokuzijabulisa ngesikhathi ebulawa.

“Ubugebengu nje into esingahambisani nayo kanti siyafisa ukuthi sisebenzisane namaphoyisa ukwehlisa izinga lobugebengu kule ndawo.

“Siyafisa ukuthi amaphoyisa abekhona endaweni abonakale ahlole indawo ukuze ezobona izinto ezenzekayo akwazi nokuthi abophe izigilamkhuba. Njengoba namanje kuthiwa lona otholakele ubephuma ezindaweni yokuzijabulisa, ukube ebekhona amaphoyisa ahamba ezulazula hlampe abezobona ukuthi kwenzekeni, ngoba siyakholelwa ekutheni kukhona lapho ingxabano isuke khona ngaphambi kokuba aze abulawe,” kubeke yena.

UMnu Mkhize uthe akusona isigameko sokuqala lesi ukuba senzeke kule ndawo ukuthi kutholakale umuntu ebulewe kade ephuma endaweni yokuzijabulisa.

“Noma zingenzeki ngoku landelana kodwa cishe zinhlanu manje izigameko ezifuze lezi esezike zenzeka kule ndawo. Siyakholelwa ukuthi uma ngabe kungaba khona imithetho eqinile ngalezi zindawo zobumnandi ezivula kuze kuse kungaba khona umehluko.

“Sicela umphakathi usebenzisane nezinhlaka ezifanele ukulwisana nobugebengu kule ndawo ungazithatheli umthetho ngezandla.”

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlvou uSergeant Mthokozisi Ngobese uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala, kodwa bekungakaboshwa muntu.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 3501 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2387 votes
No, I don't think they need it
37% - 3394 votes
Vote
ZAR/USD
15.11
(-0.33)
ZAR/GBP
21.05
(-0.26)
ZAR/EUR
18.20
(-0.19)
ZAR/AUD
11.75
(-0.50)
ZAR/JPY
0.14
(-0.21)
Gold
1708.48
(-0.12)
Silver
25.96
(-0.15)
Platinum
1154.50
(0.00)
Brent Crude
63.94
(+2.19)
Palladium
2344.80
(+0.81)
All Share
68326.79
(-0.27)
Top 40
62861.62
(-0.39)
Financial 15
12571.60
(+0.02)
Industrial 25
89680.18
(+0.59)
Resource 10
69225.70
(-1.86)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo