
IMINDENI eminingi yaseNhlazatshe isale dengwane emva kwezimvula ezinamandla zangoLwesithathu mhla ka-4 kuMbasa (April) njengoba abanye babo bewelwe izindlu ezinye zagcwala amanzi.
Amalungu alo mphakathi athi awazange abuthi quthu ubuthongo ngesikhathi kunetha lezi zimvula ngoba bebesabela izimpilo zabo ukuthi bazomuka nezindlu okanye izindlu zizowela phezu kwabo.
Imizi eyi-8 kubikwa ukuthi iwile ngenxa yalezi zimvula kanti ezinye zisale nezimbobo namanzi ngaphakathi.
Ngesikhathi i-Echo ihambele kule ndawo ngoLwesine olwedlule ifice amanye amalungu omphakathi ezama ukulungisa izindlu zawo kodwa amanye abehleli emnyango ethi akazi ukuthi azothathani ahlanganise nani ngoba abanayo imali yokuqala phansi bakhe izindlu ezintsha.
UMnuz Sihle Zondi obhidlikelwe yindlu uthe uphoqeleke ukuba alale kamakhelwane ngoba indlu yakhe ibisiwile ngaphambili sekugcwele amanzi nenhlabathi ngaphakathi.
“Kuyimanje angazi ukuthi ngizokwenzenjani angazi ngizohlalaphi ngoba izimpahla zami zimoshakile. Ithe uma iqala lemvula ngabona amanzi egeleza engena ngaphakathi endlini esuka entabeni phezulu ngabe senginquma ukuphumela ngaphandle ngayocupha kamakhelwane ngoba bengibona ukuthi ngizomuka nendlu noma izovele iwele phezu kwami ngilele,” kubeka yena.
UNks Zamokuhle Zibula naye obhidlikelwe wudonga lonke lwangemuva kwangena namanzi kwezinye izindlu uthe ubehleli yedwa ngesikhathi kwenzeka lesi sibhicongo.
“Asinawo amandla okuthi siphinde siqale phansi sakhe ezinye izindlu. Umsebenzi omkhulu lona ngoba ezinye izimpahla ebeziphakathi zimoshekile.
“Sizozama ukuhlala kuleli gumbi elingalimalanga kakhulu ngoba asinalutho. Bekuqala ukuthi kwenzeke into efana nale selokhu saqala ukuhlala kulendawo eminyakeni engama-20 eyedlule.
“Kuhlalekunetha kodwa akukaze kube nomonakalo ofana nalona,” kubeka yena.
Elinye ilungu lo mphakathi elingazange lidalule igama lalo lithe bahlalele ovalweni ngoba abazi ukuthi kuzokwenzakali uma kungafika ezinye izimvula futhi.
“Asizange silale nhlobo sikhuleka ngendlela isimo ebesisibi ngayo. Kodwa sibonga ukuthi awukho umphefumulo olimalile ngesikhathi kwenzeka lesi sibicongo sibonga lokho nje.”
La malungu omphakathi abehlangene ndawonye ebhunga ngomonakalo owenzekile nanokuthi bangasizakala kanjani.
Athi kubaphatha kabi ukuthi akekho umuntu obanakile.
Bathi selokhu bafika kule ndawo eminyakeni emingi eyedlule abanawo ngisho amanzi, ugesi kanye nezindlu abathenjiswa zona.
“Into abayaziyo nje ukuthi bafike la mase kuzovotwa ngoba sebefuna amavoti ethu.
“Uma sebewatholile bahamba bangasabheki nasemuva ngoba basuke sebeyitholile into abayifunayo.
“Asiyazi nje intuthuko kule ndawo akukho muntu onendaba nathi ngisho ikhansela lethu imbala alisikhathalele,” kubeka elinye ilungu lomphakathi elingazidalulanga igama.