Ithuba lokufundela ukushayela ezikoleni

Iqembu lokuqala labafundi eselifundile labhala laphasa.ISITHOMBE: sithu­nyelwe
Iqembu lokuqala labafundi eselifundile labhala laphasa.ISITHOMBE: sithu­nyelwe

INHLANGANO iHlengiwe Mawandle Project isiqale uhlelo olusha lokulekelela abafundi basezikoleni zamabanga aphakeme ngezincwadi zokushayela.

Le nhlangano ihambela izikole nalapho ifike ifundise khona abafundi ukuze bezothola ama-learner’s license ngaphandle kokuya kofundela esikoleni sokushayela.

UMnu Nqobisizwe Ngubane nokunguyena umsunguli walolu hlelo utshele i-Echo ukuthi into emenze ukuba asukume afune ukulekelela abafundi kungenxa yosizi abafundi ababhekena nalo uma ngabe sebeqedile esikoleni sebetatazela sebefuna ukuthola izincwadi zokushayela ngokushesha. Uthe abafundi ababheke kakhulu ilabo abenza ibanga lika-Grade 12 kanye no-Grade 11 okwamanje.

“Into esiyenzayo ukuthi sihambela izikole nalapho sifike sifundise khona abafundi bese siyabalekela futhi uma ngabe sebeyobhalisela ukubhala izivivinyo zabo ngaphandle kokuba khokhisa imali. Imali umfundi ayikhokhayo u-R150 nosiwusebenzisa ukuthenga izinto lezi abafunda ngazo bese thina siyabafundisa

“Ngaleyo ndlela abafundi akudingeki ukuba baze bayokhokha imali ezikoleni zokufundela ukushayela kanti futhi bazokonga imali yokugibela beloku beya esolobheni beya kofundela ukushayela.

Uma ngabe sebebhalile i-learners lisence yabo bayipha sizobe sesibahambisa esikoleni sokufundisa ukushayela esesikhulumisane naso nokuyilapho abazofika bathole khona ukwephulelwa imali yokufunda ngoba bangabafundi,” kubeka yena.

UMnu Ngubane uthe okwamanje bebesasebenzisana nesikole i-Edendale Technical and Vocactional High School kanti sekunabafundi abangama-20 vele asebebhalalile baphasa nasebezoqala ukufunda ukushayela.

“Sithatha amaqembu abafundi nga-20 ukuze sizokwazi ukuthi sibafundise kahlebengekho baningi bezothola konke ukunakwa. Uma ngabe se bephasile sibe sesithatha elinye iqembu futhi . Njengamanje simatasa neqembu lesibili nalo ekulindele ukuba lihamba liyobhala ngesonto elizayo. Konke loku esikwenzayo ingoba sifuna ukulekelela izingane zakithi kanye nabazali ukuthi kungathi izingane seziqedile esikole baphinde babhekane nezindleko zasekolishi baphidne futhi babhekane nezindleko zokukhokhela isikole sokushayela.

“Siyafisa ukuthi lolu hlelo lwethu siluqhube ezikoleni ezahlukene zasenadweni yase-Edendale ukzue izingane zethu zisizakale .

“Uma kuqhubeka isikhathi futhi singathanda ukuthi sigcine sesiluhambisa ngisho nasezikoleni ezisedolobheni,” kubeka yena.

Uma ufuna ukwazi kabanzi mayelana nalolu hlelo ungathintana noMnu Ngubane enombolweni ethi 073 129 2455.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When planning for the Black Friday sales do you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Save, research and plan ahead, preparing to make the most of it?
8% - 906 votes
Wait and see what looks like a good deal on the day?
14% - 1704 votes
Have no interest in spending more money this year?
78% - 9385 votes
Vote
ZAR/USD
15.21
(+0.91)
ZAR/GBP
20.31
(+0.88)
ZAR/EUR
18.08
(+0.71)
ZAR/AUD
11.19
(+0.24)
ZAR/JPY
0.15
(+1.06)
Gold
1807.64
(-1.54)
Silver
23.20
(-1.30)
Platinum
960.00
(+3.66)
Brent Crude
45.51
(+2.15)
Palladium
2340.00
(+0.48)
All Share
57761.92
(+1.08)
Top 40
53049.43
(+1.09)
Financial 15
11674.99
(+2.97)
Industrial 25
80126.12
(+0.26)
Resource 10
52568.48
(+1.54)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo