•I-SAVF Social Services icela ukufuniswa ubaba ka-Anele Innocentia Dlamini owazalwa ngomhlaka-22/07/2019. Onolwazi sicela athinte usonhlalakahle uStacey Sibisi kule nombolo: 033 342 1229 emahhovisi aku-408 Prince Alfred Street, ePietermaritzburg.
•I-SAVF Social Services icela ukufuniswa abazali bakaBaby Sefali owazalwa ngomhlaka-02/05/2019. Igama likamama wakhe nguNishepiseng Sefali, ubaba wakhe akaziwa. Onolwazi sicela athinte usonhlalakahle Stacey Sibisi kule nombolo: 033 342 1229.
•Sicela ukufuniswa ubaba kaWendiswa Sithole okuthiwa wagcinwa ehlala eMqundekweni (Underberg) umama wengane nguNompumelelo Khumalo waseMpumelelo. Onolwazi sicela axhumane nosonhlalakahle Ngcobo kule nombolo: 033 392 8648.
•Sicela ukufuniswa ubaba kaThandolwethu Cebile Zuma kanye no-Aphiwe Bongimpilo Sithole abathola kuNonhlanhla Zuma ongasekho.
• Sicela ukufuniswa ubaba ka-Asanda Magudu ozalwa nguNomakhisimusi Happy Magudu ongasekho emhlabeni. Onolwazi angathintana nosonhlalakahle T.F. Mdluli ku-033 392 8604.
• Sicela ukufuniswa ubaba kaSinethemba Bongani Hadebe amuthola kuDumisile Patricia Hlongwane ongasekho. Onolwazi sicela athintane nosonhlalakahle uMazibuko kule nombolo: 083 365 2539.
•Sicela ukufuniswa abazali baJunior Sosibo. Igama likamama uNontokozo Sosibo owahamba ekhaya ngonyaka ka-2015. Onolwazi sicela athintane nosonhlalakahle uMkhize enombolweni ethi: 033 392 8600.
•Sicela ukufuniswa ubaba ka-Ayabonga Dlamini owashiywa umama wakhe endaweni yaseKobongwaneni eduze kwesikole iSanelisiwe Primary school ngonyaka ka-2017. Onolwazi sicela athintane nosonhlalakahle u-A.S. Mncube enombolweni ethi: 033 505 0083.
•Sicela ukufuniswa ubaba kaKhulekani Madlala ozalwa uSbongile Madlala ongasekho emhlabeni owayehlala eTaylors Halt kaGijima. Onolwazi sicela athinte usonhlalakahle u-X.P. Mahlobo kwethi: 033 505 0083.
•Sicela ukufuniswa umama ka-Iminathi Zondi owashiywa umama wakhe ngonyaka ka-2016 nogogo wakhe endaweni yaseTaylors Halt akaphindanga wabuya. Onolwazi sicela athintane nosonhlalakahle u-X.P Mahlobo enombolweni ethi : 033 505 0083.
•Sicela ukufuniswa ubaba kaSolwazi Samkelo Zondi owaziwa ngoSamuel Sicelo Zondi owamshiya kumama wakhe uLindeka Truelove Zuma ongasekho emhlabeni. Onolwazi sicela athintane nosonhlalakahle u-X.P. Mahlobo enombolweni ethi: 033 505 0083.
•Sicela ukufuniswa abazali baka-Iminathi Uyizwile Shezi kanye no-Athandwa Simnikiwe Nzuza abashiywa umama wabo uMinenhle Shezi ku-anti wabo uZandile Mdluli ngonyaka ka-2018. Onolwazi sicela athintane nosonhlalakahle u-X.P. Mahlobo kwethi: 033 505 0083.