Kuhlelwe isikhungo sokulekelela abasebenzisa izidakamizwa

UMASIPALA waseMsunduzi usezinhlelweni zokusungula isikhungo sokuvuselela abantu abasebenzisa izidakamizwa abahlala emgwaqeni enkabeni yedolobha laseMgungundlovu.

Lokhu kuvele ngosodolobha waseMgungundlovu, uMnu. Themba Njilo, obekhuluma nabezindaba ngoLwesibili olwedlule, mhlaziyi 5 kuSepthemba, ngezinhlelo zomkhandlu zokunciphisa isibalo sabantu abahlala emgwaqeni enkabeni yedolobha nabasebenzisa izidakamizwa.

Uthe isibalo sabantu abahlala emgwaqeni enkabeni yedolobha sakhuphuka kakhulu ngemuva kokuvalwa kwendawo yokucima ukoma eMatsheni ngoDisemba ngonyaka ofile.

“Lokhu sakwenza ngoba sinxenxwe umphakathi ozinze kuleyanxenye yedolobha. Indawo yaseMatsheni ibisigcwele ubugebengu ngoba bekunzima ukuthi abomthetho beyiqaphe ngeso lokhozi. Ukunyuka kwesibalo sabantu abahlala emgwaqeni ngenxa yokuvalwa kwaleyandawo sekube nomthelela ongemuhle kwezokuphepha kanye nokuhlanzeka kwedolobha,” kusho uMnu. Njilo.

Uqhube wathi uMasipala waseMsunduzi ubone kunesidingo sokuvula isikhungo sokuvuselelwa emuva kokuxhumana noMnyango wezeMpilo kanye nowezokuThuthukiswa koMphakathi, amaphoyisa kanye noMnyango wobuLungiswa.

“UMnyango wezeMpilo noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kanye noMnyango wokuPhepha koMphakathi uyaweseka umbono ovele kwamasipala wokuthi kumele kuvulwe isikhungo sokuvuselela abantu abasebenzisa izidakamizwa eyesikhashana ejele e-Sovontein,” kusho iMeya.

Uqhube wathi umasipala usuke waxhumana noMnyango wobuLungiswa ocele amadokodo achaza kabanzi ngezinhlelo zikamasipala kanye nangezithinta umthetho.

Uthe umasipala ukwazile ukulekelela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ngothumela abantu abahlanu kwisikhungo sokuvuselela sase Port Shepstone.

“Kodwa iningi lezikhungo zokuvuselela ezikahulumeni zigcwele kanti edolobheni laseMgungundlovu asikho isikhungo salolu hlobo,” kusho uMnu. Njilo.

Uqhube wathi umasipala uphinde walekelela abantu abamubalwa abahlala emgwaqeni ngokuthi ubafake ezibhedlela zase Edendale nase Northdale kodwa nakhona inkinga kufike kwaba ukushoda kwemibhede.

Uthe omunye walabo abathole ukulashwa esibhedlela sase Edendale ujikiswe umndeni wakhe ngenkathi usonhlalakahle ethi umubuyisela kubo kwaphoqa ukuthi atholelwe indawo yokuhlala.

“Izinqinamba abantu abangenamakhaya ababekana nazo zidinga ukuthi sisebenze ngokubambisana ukuze sizothola isisombululo,” kusho usodolobha.

Ephetha, uthe kunesibalo sabantu abangu 376 abahlala emgwaqeni eMgungundlovu.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As a child or as an adult, have you ever been a victim of bullying?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, at school
55% - 2157 votes
Yes, at work
17% - 669 votes
No, I've never experienced this
28% - 1082 votes
Vote
USD/ZAR
14.20
(-0.6)
GBP/ZAR
19.87
(-0.1)
EUR/ZAR
17.12
(+0.0)
AUD/ZAR
11.07
(+0.3)
JPY/ZAR
0.13
(-0.2)
Gold
1,772.33
(+0.1)
Silver
25.97
(+0.6)
Platinum
1,210.50
(+0.1)
Brent Crude
67.05
(+0.4)
Palladium
2,797.28
(-0.7)
All Share
68,094
(0.0)
Top 40
62,326
(0.0)
Financial 15
12,417
(0.0)
Industrial 25
88,303
(0.0)
Resource 10
69,786
(0.0)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo