Kuhlonishwe isishoshovu se-ANC ngesakhiwo

ISITHOMBE: sabelo NSELENgesikhathi kwembulwa ngokusemthethweni igama elisha lebhilidi.
ISITHOMBE: sabelo NSELENgesikhathi kwembulwa ngokusemthethweni igama elisha lebhilidi.

ISISHAYAMTHETHO saKwaZulu-Natal sihloniphe lowo owayeyisishoshovu se-ANC uMama u-Albertina Sisulu ngokuthi sibize esinye isakhiwo saso ngegama lakhe.

Lesi sakhiwo sethulwe ngokusemthethweni ngoLwesihlanu olwedlule mhla ziyi-7 kuZibandlela (December). Lesi sakhiwo esisemgwaqeni uLangalibalele Street sethiwe ngokuthi i-Albertina Sisulu Building kanti ngaphambilini besibizwa ngokuthi i-KwaZulu-Natal Legislature Administration Building.

Leakhiwo sivulwe ngokusemthethweni uSomlomo waseSishayamthetho uNkk Lydia Johnson. UNkk Jonhson uthe lesakhiwo singenye yezindlela zokuhlonipha kanye nokukhumbula igalelo elabanjwa umama uSisulu ngesikhathi somzabalazo.

“ Lolu usuku olubalulekile emlandweni weSishayamthetho.Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi umama uyakhunjulwa njalo kanye namagalelo akhe. Lento sifuna kube into yangunaphakade kube into esiyibona zonke izinsuku. Umama uSisulu ungomunye wabaningi abanikela ngako konke ababenako empilweni besabancane ukulwela inkululeko yakulelizwe.

“Simethulela isigqoko, siyamhlonipha futhi siyambonga ngokungazicabangeli yena yedwa ngesikhathi elwela izwe lethu.

Beyingekho enye indlela ebesingamhlonipha ngayo ngaphandle kwalena. Kubalulekile ukuthi siqhubeke nokwenza loko ayekholelwa kukona kanye naloko akulwela. Kubalulekile ukuthi siqhubeke sifunde siphinde sifune ukwazi ngomama uSisulu siphinde sifunde kuyena futhi,” kubeka yena.

Ube eseyala abasebenzi bakuleli bhilidi ukuthi bahleli bekhumbula umama uSisulu njalo uma bengena emsebenzini bese bayakhuthazeka ngezinto kanye nemisebenzi ayeyenza ngesikhathi esasebenzela umphakathi.

Akugcinanga nje ngokuvulwa lesi sakhiwo kodwa kuphinde kwabanjwa umcimbi wokukhumbula lesisishoshovu nalapho kade kukhuluma khona lowo ayebambe iqhaza naye emzabalazweni uNkk Sophie nothe ukukhunjulwa kukamama uSisulu akungagcini nje ngebhilidi kuphela.

Uthe kubabulekile ukuthi ngisho izizukulwane sazi ngamaqhawe kanye namaqhawekazi akulelu lizwe.

“USisulu wayengafani nabanye abantu abajwayelekile. Wayengumholi wangempela. Impilo yakhe kumele ibungazwe kukhunjulwe ukuba nesibindi kwakhe. Ukuzinikela kwakhe kanye nokusebenza kwakhe kanzima ikona okwasenza ukuthi sibambelele. Wayekwazisa ukubaluleka kokusebenzisana.

“Akakaze akubukele phansi ukusebenzisana nobumbano.Wayeyimbokodo yozinzo. Nginenhlanhla enkulu ukuthi ngakwazi ukuthi ngisebenze ngokusondelana naye,” kuphetha yena.

UMnuz Jason Sisulu nongumzukulu kuMama uSisulu uthe ukuba gogo wakhe usaphila ubezokujabulela lok u kuhlonishwa.

“Sizizwa sithobekile kakhulu njengomndeni ukuba sibe ingxenye yaloku kuhlonishwa. Sijabule kakhulu kanti futhi siyakwamukelwa ukubizwa ngalesi sakhiwo.”

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Is social media doing more harm than good?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, our children are exposed and we can't protect them
49% - 5445 votes
Yes, but social media is part of the new reality
45% - 5009 votes
No, it's great for growing a child's world view
5% - 578 votes
Vote
Rand - Dollar
14.00
+0.3%
Rand - Pound
19.80
+0.2%
Rand - Euro
17.01
+0.2%
Rand - Aus dollar
10.97
+0.2%
Rand - Yen
0.13
+0.2%
Gold
1,837.73
+0.1%
Silver
27.63
+1.2%
Palladium
2,947.04
-0.5%
Platinum
1,240.64
-0.8%
Brent Crude
68.32
+0.1%
Top 40
61,320
-1.7%
All Share
67,241
-1.7%
Resource 10
70,627
-2.1%
Industrial 25
84,184
-1.7%
Financial 15
12,659
-0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo