Kuminze kwashona umfana eSnathing

Isithombe:SithunyelweAyabongwa Nzama.
Isithombe:SithunyelweAyabongwa Nzama.

AWUKAKUTHOLI ukuthula umndeni ka Ayabongwa Nzama, umfana oneminyaka engu-6 ominze ediphini eSnathing ngoLwesithathu oledlule.

Umalume ka Ayabongwa, uMnu. Philani Kheswa uthe: “Simgcine kade ebuya esikoleni wathi ukudlala kancane la ngaphandle nezinye izingane wabesethathwa ngomunye umfana bahamba bayodlala umshushuluzo ngasentabeni.”

Uthe ngenkathi abafanyana laba bedlala entabeni kube khona omakhelwane abaseduzane nala abekade bedlala khona ababakhuzile ngoba bebedlalela maduzane nomgwaqo obekungagcina ngokuthi kube khona olimele.

“Kusho ukuthi bona bavele bakhuphukela entabeni maduzane nasediphi,” kusho uMnu. Kheswa.

Uthe ngokusho kwenye ingane engumzala ka Ayabongwa ebikade inaye ediphini kusolakala ukuthi Ayabongwa uphushwe ngomunye umfana abekade behamba naye wawela ediphini.

“Sibe sesithola umyalezo kumfana obekade ejima, uyena ohlangane nomzala ka Ayabongw wambuza ukuthi kwenzenjani ukhalelani wabeseyasho ukuthi u-Ayabongwa usewele ediphini lomfana obekade jima wayeseza ezobika la ekhaya ukuthi kukhona ingane ewele ediphini kwayima siqala sikhuphukela khona,” kusho uMalume ka Ayabongwa, uMnu. Philani Kheswa.

Uthe umndeni kanye nomkhelwane kube yibona abantu bokuqala abafikele endaweni yesigameko.

“Sithe umasesifika khona safica kutanta ophaca phezulu sasesithinta abomthetho kodwa ngokubona ukuthi benza kancane sazama ukukhipha amanzi ediphini,” kusho uMnu. Kheswa.

Uthe kodwa imizamo yokukhipha amanzi bayishiye phakathi ngenxa yobuningi bawo bakhetha ukuthi akube khona ongenayo ngaphakathi ukuzama ukutakula u-Ayabongwa.

“Nongenile akamtholanga kwagcina kufike bona abosizo lokuqala okuyibona abamutakulile,” kusho uMalume ka Ayabongwa.

Okhulumela abe-ER24 uMnu. Russel Meiring uthe abosizo lokuqala bafika ngabo 6.27pm behambisana nethimba lezokutakula.

Uthe kuthe esetakuliwe u-Ayabongwa abosizo lokuqala bamemezele ukuthi ushonele endaweni yesigameko.

“Imininingwane ngokwenzekile kulesi sigameko ibingakaqondakali kodwa amaphoyisa aphenya ngalokhu okwenzekile,” kusho uMnu. Meiring.

Umalume ka Ayabonga, uMnu. Kheswa uthe kusolaka ukuthi uminze ngabo 4.30pm.

“Amaphoyisa afike sekumnyama ngicabanga ukuthi ubeseshayile u-6,”

Uqhube wathi abosizo lokuqala bafike emuva kwawo amaphoyisa.

Uthe unina ka-Ayabongwa usathukile ngalokhu okwenzeke kumagcina wakhe.

UMnu. Kheswa uchaze u-Ayabongwa njenge ngani ebikhombisa ubuhlakani elungile ekhonze nokudlala obethi uma esemdala ufuna ukuba yiphoyisa.

Umalume ka Ayabongwa uqhube wathi kuyaqala ukuthi kwenzeke isehlakalo salolu hlobo ediphini njengoba kunge siyona indawo ejwayele ukudlalela izingane.

“Angazi nokuthi baye kanjani laphaya kodwa khona akukude kuseduzane nasekhaya ngoba kuyabonakala uma umi egcekeni lasekhaya,” kusho uMnu. Kheswa.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As a child or as an adult, have you ever been a victim of bullying?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, at school
54% - 1302 votes
Yes, at work
17% - 412 votes
No, I've never experienced this
28% - 677 votes
Vote
USD/ZAR
14.23
(-0.7)
GBP/ZAR
19.74
(-0.4)
EUR/ZAR
17.11
(-0.3)
AUD/ZAR
11.06
(-0.1)
JPY/ZAR
0.13
(-0.1)
Gold
1,787.43
(+0.6)
Silver
26.10
(+0.5)
Platinum
1,219.50
(+1.3)
Brent Crude
66.77
(-0.3)
Palladium
2,834.00
(+1.9)
All Share
68,353
(-0.5)
Top 40
62,559
(-0.5)
Financial 15
12,404
(-0.3)
Industrial 25
88,763
(-0.7)
Resource 10
70,083
(-0.4)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo