Kuzophela amaphupho ngempelasonto

AMAQEMBU amakhulu nalandelwa yizigidi ngezigidi zabalandeli eMzansi wonkana, i-Orlando Pirates ne-Kaizer Chiefs bazohlangana kuthule umoya ngempelasonto.

Lezinkunzi zaseSoweto zizotholana kuze kusiphuke izidindi ngaloMgqibelo eGoli eFNB Stadium ligamenxe ihora lesithathu (3.30pm).

Izingwazi ezindala nesazaphanyeka amakhokho ethala nezazidlalela lezinkunzi ezingabhekani uma zihlangene zithi lomdlalo uzobe unzima futhi kuzoba lukhuni ukunqoba nhlangothi zimbili.

Lezinkunzi zithi phela ifomu nokuthi iqembu ligcine liwine kanjani emdlalweni abagcine ukuwudlala akuchazi lutho ngoba kuningi okungashintsha noma yini ngosuku lomdlalo.

“Ukuthi iqembu ligcine lidlale nobano noma kugcine kuwine ubani noma ubani osefomini akuchazi luthu uma sekuhlangene lamaqembu womabili.

Phela umlando, namasiko kanye nodumo lwalamaqembu kuchaza okuningi.

Nabadlali nje ngosuku lwomdlalo abadingi ukukhuthazwa nokutshelwa ukuthi lomdlalo uchaza ukuthini,” kusho umdlali wasemuva owayethandwa abalandeli beBhakaBhaka uEdward “Magents”Motale.

Kanti owake waba ukaputeni weBucs nowayengazwile emuva uGavin “Stability” Lane uthi abadlali basuke bazi ukuthi ukudlala lomdlalo womkhaya waseSoweto (local Soweto derby) kuwumlando ngokwakho nje futhi akekho ongathandi ukudlala kulomdlalo.

“Wusuku olukhulu nolubalulekile kunoma yimuphi umdlali ukudlala kwi-Soweto derby nje kukodwa. Ukuwina-ke kusuke sekukufaka uphaphe lwamaqhawe,” kusho uLane.

Kanti owadlalela lamaqembu womabili nowayethandwa uwonkewonke eMzansi uJabu Pule-Mahlangu uthi kuzobe kukhetha ukhethi futhi iyohlangana ihlukane kube manzi phansi.

“Heyi angazi ukuthi kuzokwenzekani noma ubani ozowina. Mina ngingathi nje kuzobe kushikisha ufudu noma kukikiza ufishi. Lomdlalo uyobe unzima kakhulu futhi kunzima kwasatshe ukuqagula ukuthi wubani ozodla umhlanganiso ngempelasonto,” kusho lesihlabani.

Kanti umhlaziyi webhola nowake wadlalela iMaritzburg City, Kaizer Chiefs kanye neBhakaBhaka futhi waba ngukaputeni kuwo womabili lamaqembu uJimmy Tau uthi abalandeli bazobhema bakholwe ngoba umdlalo onje uhlala usezingeni eliphezulu nelimisa uMzansi wonke nse.

IBhakaBhaka ibhekeke ukuthi ibeke amathemba ayo kubadlali abafana no Thamsanqa “Gandaganda” Gabuza, unozinti uWayne Sandilands, Abbubaker Mobara, Thabo Qalinde kanye no Thabo Rakhale.

Kanti iKhosi lizothembela kunozinti wabo nongumholi woqobo u-Itumeleng Khune, George Maluleke, Willard Katsande kanye noBenard Parker, nobhekeke ukuthi alethe isipiliyoni sakhe.

Lomdlalo weligi wangempelasonto uhlelwe kanje:

October 21, Kaizer Chiefs vs Orlando Pirates ngo-3:30pm e-FNB Stadium.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As South Africa faces down the third Covid-19 wave, how are you keeping your family safe ?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Staying at home, isolating and being careful
19% - 529 votes
Sanitising and wearing masks when we go out
68% - 1850 votes
Going on as usual, we're not afraid of the virus
13% - 361 votes
Vote
Rand - Dollar
14.13
-0.0%
Rand - Pound
19.92
-0.0%
Rand - Euro
17.16
-0.0%
Rand - Aus dollar
11.00
-0.0%
Rand - Yen
0.13
-0.0%
Gold
1,843.76
0.0%
Silver
27.42
0.0%
Palladium
2,894.50
0.0%
Platinum
1,229.50
0.0%
Brent Crude
68.71
+2.5%
Top 40
60,573
+0.6%
All Share
66,598
+0.7%
Resource 10
69,386
-0.1%
Industrial 25
83,277
+0.9%
Financial 15
12,685
+1.5%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo