Kuzosivula amehlo ukudlala ne-Melika

ININGI lamazwe eliya kuma-Olympics azobe eseRio kulonyaka abonakala ekhetha noma ecubungula kabanzi amazwe abadlala nawo emidlalweni yesihle.

Kusobala ukuthi lamazwe aya ku 2016 Rio Olympics akubona kubaluleke kakhulu ukudlala imidlalo yesihle, kodwa hhayi nanoma ubani.

Iningi lalamazwe ashalazela amazwana athathwa njengemiswahla ebholeni lomhlaba ukuze bahlale besemgangathweni futhi becijile. Yingakho-ke kulezinsuku noma kulezinyanga ezedlule iqembu lakuleli labesifazane iBanyana Banyana lizobe libhekene nezwe laseMelika (USA) emdlalweni wesihle.

Iningi labantu baseMzansi nabake basebenza noma badlalela iBanyana Banyana bathi iUSA ingamanye amazwe ahlonishwayo ebholeni labesifazane ngoba kade baliqala.

Phela iqembu labesifazane laseMzansi, iBanyana Banyana izotholana phezulu neUSA ngoMqgibelo wangomhlaka 9 July eSoldier Field eChicago (USA).

Owayeyisibabuli seBanyana uPortia Modise uthe abaqeqeshi baleliqembu kanye nenhlangano yebhola kuleli iSafa bashaye into ecokeme ngempela ngokuqoka iUSA ngoba ingelinye lamazwe athulelwa isigqoko abantu abaningi emhlabeni wonke.

“IBanyana Banyana izofunda okuningi ngokudlala neUSA. Phela amaMelikana izikhokho ezindala ebholeni labesifazane, futhi-ke kade baliqala.Ngokwazi kwami bayazifela ngalo futhi bahlelekile ngalo,”kusho uModise.

Lensephe endala iyavuma futhi ukuthi iUSA inolwazi olunzulu ebholeni labesifazane ngoba kade baliqala.

“IUSA inomlando omude ebholeni labesifazane, abaqalanga ukudlala izolo.”

Nowake waqeqesha iBanyana Banyana isikhathi eside nenkalakatha endala ebholeni labesifazane uFran Hilton-Smith uthi uMzansi wenze kahle wacela umdlalo wesihle nezikhokho zase-USA. “Kube kuhle impela futhi ngiyavuma ukuthi iSafa kanye nabaqeqeshi beBanyana Banyana bashaye khona ngempela ngokucela iUSA ukuba bake bethi ukuvikisana nayo. Phela ibhola labesifazane liyahlonishwa futhi likhulu eUSA. Umdlalo wethu nabo uzoba nzima kakhulu kodwa okumnandi ukuthi kuningi esizokufunda kubona,”kusho uHilton-Smith.

Kanti omunye wezilomo zaleliqembu nodlala esiswini Nompumelelo Nyandeni uthe balindele ukuthi bafunde okuningi kwiUSA kanti futhi namathiphu bazowananela.

“Phela uma udlala namazwe afana neUSA kufanele ucoshacoshe okungakusiza kusasa,”kusho uNyandeni.

Ngokwesikhathi saseUSA lomdlalo uzoba ngo 12 emini kodwa eMzansi kuzobe kuwu 7 ntambama. Phela kuzokhumbuleka ukuthi iUSA isemuva ngamahora ayisikhombisa esikhathini sethu la eMzansi. Iqembu lase-USA njengamanje liqhoqhobele phezulu ohlweni lomhlaba ebholeni labesifazane.

“Noma umdlalo wethu uzoba nzima neUSA kodwa lokhu kuzosifundisa okuningi nesingakulindela eRio uma sekudlalwa amaOlympics,”kusho uNyandeni.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 6604 votes
It's four more years for Trump
54% - 7689 votes
Vote
ZAR/USD
16.30
(+0.20)
ZAR/GBP
21.33
(+0.52)
ZAR/EUR
19.27
(+0.48)
ZAR/AUD
11.57
(+0.31)
ZAR/JPY
0.16
(+0.21)
Gold
1905.93
(-0.80)
Silver
24.60
(-1.34)
Platinum
867.00
(-1.81)
Brent Crude
42.06
(-3.35)
Palladium
2355.00
(-1.24)
All Share
54991.94
(-0.64)
Top 40
50508.91
(-0.78)
Financial 15
10309.92
(+1.69)
Industrial 25
74213.23
(-0.49)
Resource 10
53435.35
(-1.86)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo