Luyashuba olwezingulube eMbali 3

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaEzinye zezingulube ezifuywe uMnuz Duma.
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaEzinye zezingulube ezifuywe uMnuz Duma.

LUYA ngokushuba udaba lowesilisa waseMbali ofuye izingulube njengoba omakhelwane bakhe baseMbali Unit 3 bethi kumele kube khona okwenziwayo ukuze kususwe lezi zingulube endaweni.

Lezi zakhamizi zithi sekuphele isikhathi esingaphezu konyaka uMnuz Mbuso Duma efuye izingulube endaweni eyilokishi nokungafanele ukuba azifuye kuyona.

Bakhala ngokuthi abasakwazi ukuhlala bakhululeke emizini yabo uma like lanetha noma uma like lashisa ngenxa yephunga elivela kulesi sibaya sezingulube esisebaleni likaMnuz Duma.

Esinye isakhamuzi esakhelene noMnuz Duma kodwa esingathandanga ukuba kudalulwe igama laso sithe emzini waso sebenenkinga kangangoba abasakwazi nokuhlala kahle bavule iminyango namawindi uma kushisa.

“Kunephunga elingabekezeleki. Uke ubone abantu sebevale amakhala uma bedlula ngaka Mnuz Duma. Izimpukane lezi ezinkulu eziluhlaza sezingena ngisho nalana emizini yethu nokuyinto ebingekho ngesikhathi kungakafiki lezi zingulube. Kuyasixaka ukuthi ukwenza kanjani lokhu ngoba le ndawo akusiyo eyokufuya.

“Asilwisani nokufuya kwakhe izingulube kodwa esikushoyo ukuthi akazifunele indawo lapho zizohlala khona ngoba lena akusiyo indawo efanele ukuba azigcine kuyona. Kumele asicabangele nathi njengomakhelwane ahlelisene nabo,” kube yena.

Omunye umakhelwane naye ongathandanga kudalulwe igama lakhe uthe sebefuna ikhansela nomasipala bangenelele kulolu daba.

“Sihleli kabuhlungu ngenxa yalezi zingulube. Okuyinkinga kunakho konke ukuthi ziyanuka kanti iphunga lazo ulizwa ukude. Kangakanani ke abantu abaseduze ? Sesiside isikhathi sithulile ngalolu daba singajabula kakhulu uma singathola ukusizakala,” kubeka yena.

I-Echo ihambele kule ndawo nalapho ifike yahlangana nomnikazi wazo izingulube uMnuz Duma nokuqinisekisile ukuthi ufuye izingulube.

UMnuz Duma uphikile ukuthi indawo akhe kuyona akuyona indawo elungele ukufuya.

“Angikho elokishini mina futhi ayikho into ekhombisayo ukuthi ilokishi leli. Izingulube zona ngizifuyile impela futhi ngisazoqhubeka ngizifuye ngoba nami ngiyazizamela. Inyama iyabiza ezitolo nami lena indlela engizama ukonga ngayo ukuthi ngingathengi inyama. Izingulube zami azihluphi muntu azingeni emzini wamuntu zizihlalela ngaphakathi angazi ukuthi yini ekhalisa abantu. Uma bekhala ngokuthi ziyanuka vele ayikho into enganuki ngoba ngisho udoti lona olahlwa ngokungemthetho nawo uyanuka. Abantu badlala umona nje ngoba bebona ngenza into eyehlukile,” kubeka yena.

Uqhube wathi yena uyamangala ukuthi kukhona abantu abanenkinga nokufuya kwakhe izingulube kwazise akekho osake weza kuyena wazomtshela ngalokhu.

“Akukho muntu owake wafika kumina njengomakhelwane wazongitshela ukuthi izingulube zami ziyabahlukumeza. Uma benenkinga abeze kumina bangiqonde bangangihambeli ngasese bayongihleba.”

UMnuz Duma uthe waqala ngokufuya izingulube eziyi-6 kodwa manje sezingaphezu kweziyi-10. Uthe kuyimanje usezinhlelweni zokuthi alungise indawo lapho kuhla khona izingulube zakhe ibe sezingeni elifanele ingabi nodaka. “Sengiqalile ngiyazakhela indawo yazo yokuhlala ukuze zizohlala endaweni efanelekile. Sengizivakashelile nezindawo lapho kufuywa khona izingulube ukuyobona ukuthi kwenziwa njani ngoba ngifuna ukusebenzisa lolo lwazi.”

Okhulumela uMasipala uMsunduzi uNks Thobeka Mafumbatha uthe ezolimo azihambisani nokufuywa kwemfuyoendaweni ehlala abantu emalokishini ngokokuhlelwa kwedolobha.

“Ukufuywa kwezilwane kulawulwa imithetho yakhona ngakho ke akekho umuntu ovumeleke ukufuya izingulube ngaphandle uma ngabe enikezwe imvume kwezemvelo ngaphansi kukaMasipala uMsunduzi. Abezokuhlanzeka kwemvelo bazoluphenya lolu daba. Makungukuthi kuyatholakala ukuthi kube khona ukuphulwa kwemithetho umnikazi wendawo uzonikezwa isexwayiso.”

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 4071 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2771 votes
No, I don't think they need it
36% - 3912 votes
Vote
ZAR/USD
15.29
(-0.52)
ZAR/GBP
21.24
(-0.12)
ZAR/EUR
18.29
(-0.11)
ZAR/AUD
11.81
(-0.08)
ZAR/JPY
0.14
(-0.10)
Gold
1700.44
(+0.04)
Silver
25.20
(+0.16)
Platinum
1128.01
(+0.31)
Brent Crude
69.67
(+3.93)
Palladium
2329.95
(+0.62)
All Share
68271.19
(+0.78)
Top 40
62788.64
(+0.87)
Financial 15
12759.80
(+0.67)
Industrial 25
87613.31
(-0.32)
Resource 10
70801.78
(+2.36)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo