UMCULI wohlobo lwe-Hip Hop wasendaweni yase-Sweetwaters uzokhipha ingoma yakhe esihloko esithi Ngsa on manje nalapho epike khona u-Zeep RSA.
UWonderboy Thanduxolo Nzama (26) uthe lengoma izophuma mhla ziyi-6 kuMbasa (April).
UNzama uqale ukungena endimeni yezomculo ngonyaka wezi-2012 kodwa waze wagxila kahle ngonyaka wezi-2014 ngemuva kokuphothula umatikuletsheni wakhe.