Owokholo ufuna ukusungula ikwaya

Umculi wokholo uMbongeni Kheswa.ISITHOMBE: sithunyelwe
Umculi wokholo uMbongeni Kheswa.ISITHOMBE: sithunyelwe

UFISA ukugcina esekhiphe icwecwe lakhe aphinde abe nekwaya lomculo wokholo laseMgungundlovu owaseHenley Dam.

UMbongeni Kheswa (26) waqala ukucula esasesikoleni iSero Secondary kanti kumanje ungomunye wabaculu abacula noThina Zungu odume kakhulu endimeni yomculo wokholo.

Engxoxweni ekhethekile ne-Echo uKheswa uthe nakuba kumjabulisa ukusebenzisana nabaculi abakhulu kule ndima, kuyisifiso sakhe ukuthi ngelinye ilanga naye agcine esekwazi ukucula yedwa aphinde alekelele abanye abaculi abancane abasafufusa eMgungundlovu nasendaweni eziwakhele.

“Ngiyazi ukuthi likhona ithalente endaweni yethu inkinga ukuthi nje lidinga ukuvundululwa abantu banikezwe ithuba.

Ngiyazi ukuthi kukhona abanye abaculi abasafufusa engingathada ukubasiza ngibalekelele ngokuthi ngokusungula izinkomfa nalapho kuzodingidwa khona kuphinde kufundiswane khona ngale ndima yomculo ngoba ayikho lula.

Ukuba umculi ikakhulukazi wokholo akusikona nje kuphela ukuthi kumele ungene esiteji bese uyacula bese kuphele kanjalo kodwa kuhamba nawe nangendlela oziphatha ngayo, kanye nokubekezela ngoba lendima ayikho lula,” kubeka yena.

Uthe ngesikhathi ekhula ubekhula ngawo umculo futhi ewuthanda njengoba nasesikoleni wayengumphathi wekwaya. Uthe ngesikhathi enza ibanga lika-Grade 9 waqala wakhipha i-album yakhe nge-cassette eyayisihloko sithi Vuma Vuma.

“Ayizange ikuthole ukuduma kakhulu yona kodwa loko ikona okungikhuthazayo nokunginikeza amandla nethemba vukuthi ayikho into engangivimba ukuba ngiphinde ngikhiphe enye i-album manje kwazise sengikhule kakhulu kwezomculo.

Into engiyithandayo kakhulu nje ukuthi njengoba ngenza lo mculo akusikona ukuthi ngiwenza ngoba naku uNkulunkulu angipha izwi lokuthi ngikwazi ukucula kodwa ingoba into ekumina ngaphakathi uNkulunkulu uphila kumina ngaphakathi lena ngenye yezindlela zokumdumisa.

“Kungangijabulisa kakhulu uma nje songathola ukwesekwa ezindaweni esiphuma kuzona ikakhulukazi uma ngabe siya ezindweni zangaphandle kanye nasemazweni angaphandle ngoba ekugcineni sisuke singazimele thina kuphela kodwa simele nezindawo lapho sisuka khona. Kuningi esingakwazi ukukwenza nesingaphumelela kukona uma singenza kanjalo.”

uKheswa usesebenzisane nabaculi abaningi okubalwa kubona uSfiso Ncwane ongasekho emhlabeni kei-album yakhe ‘Kulungile baba’, Kholeka, Sipho Ngwenya engomeni yakhe thi ‘Jesu ufika ekuseni’ kanti useke waba ngabanye babaculi ababecula ngomcimbi wezindondo ama-Crown Gospel Awards ngonyaka wezi-2016.

Ngaphandle komculo wokholo uKheswa uthanda ukucula umculo we-jazz kodwa akagxilile kakhulu kuwona.

Into engiyithandayo kakhulu nje ukuthi njengoba ngenza lo mculo akusikona ukuthi ngiwenza ngoba naku uNkulunkulu angipha izwi lokuthi ngikwazi ukucula kodwa ingoba into ekumina ngaphakathi uNkulunkulu uphila kumina ngaphakathi lena ngenye yezindlela zokumdumisa.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When assisting your child with remote learning this year, did you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Follow the school's comprehensive sexuality education (CSE) curriculum?
13% - 126 votes
Adjust the CSE curriculum to suit the family's morals?
24% - 236 votes
Ignore the schools CSE programme and do your own teaching?
63% - 622 votes
Vote
ZAR/USD
15.20
(-0.07)
ZAR/GBP
20.25
(-0.26)
ZAR/EUR
18.17
(-0.15)
ZAR/AUD
11.23
(-0.26)
ZAR/JPY
0.15
(-0.11)
Gold
1786.61
(-0.02)
Silver
22.68
(+0.13)
Platinum
965.22
(+0.30)
Brent Crude
48.27
(+0.96)
Palladium
2413.01
(+0.60)
All Share
57822.50
(-0.17)
Top 40
53021.58
(-0.12)
Financial 15
11577.71
(-0.58)
Industrial 25
79894.95
(-0.12)
Resource 10
52804.55
(+0.03)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo