Sekuphele iminyaka elindele indlu

Izithombe:Makhosandile zuluUNksz Thulisile Goge phambi kwendlu yakubo engekho esimeni esilungele ukuthi engahlala kuyona uthi sekuphele iminyaka elindele indlu kahulumeni.
Izithombe:Makhosandile zuluUNksz Thulisile Goge phambi kwendlu yakubo engekho esimeni esilungele ukuthi engahlala kuyona uthi sekuphele iminyaka elindele indlu kahulumeni.

UNKSZ Thulisile Goge wakaZayeka eSweetwaters uthi sekuphele iminyaka ecishe ibemibili afaka isicelo sokwakhelwa indlu exhaswe nguhulumeni kodwa namanje ayikakhiwa.

Uthe into emukhalisa kakhulu ukuthi ngenxa yesimo sendlu yakubo useze waphoqeleka ukuthi afihle ikhanda kwamakhelwane.

“Kulonyaka ngiye emadwaleni ngiyobuza ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukuthi ngakhelwe indlu njengoba sekuphele iminyaka ngilindile. Ngatshelwa ukuthi kusazomele ngiqhubeke ngilinde ngoba ukukaqalwa ukwakhiwa kwezindlu endaweni engikuyona,” kusho uNksz Goge.

Uqhube wathi enye into emukhathazayo ukuthi njengoba ingakakhiwa indlu exhaswe nguhulumeni uhlezi ethola izicelo kubantu abafuna ukuthenga indawo yakubo okungagcina kuphethe ngokuthi kwayona indawo le imulahlekele.

Indlu yakubo uNksz Goge yakhiwe ngodaka kanti uthe into eyamuphoqa ukuthi ayofihla ikhanda kwamakhelwane ukuthi akuphephile ukuhlala kuyona njengoba ingenawo amawindi kanti futhi umnyango awukhiyeki.

“Uthayela okufulelwe ngawo uyavuza yingakho ngingakwazi ukuhlala endlini yasekhaya futhi yingakho ngiwudinga nje umxhaso kahulumeni,” kusho uNksz Goge.

Uthe ngonyaka ofile wazama ukuthola usizo kumholi womphakathi wangaleyo nkathi kodwa nalokho akusizanga njengoba namanje engakayitholi indlu.

“Angisebenzi ngithembele kumusa womakhelwane engihlala kubona, imali engiyitholayo eyesibonelelo sengane kuphela,” kusho uNksz Goge.

Uqhube wathi eminye imindeni yasendaweni seyakheliwe izindlu ezixhaswe nguhulumeni kodwa ezinye azikaqedwa ukwakhiwa ngoba kwezinye kushoda uphahla.

Omunye womakhelwane kaNksz Goge, uNkk Paulina Mfeka uthe ezinyangeni ezedlule wayithola inombolo yendlu kodwa ukwakhiwa kwayo akukaqali.

“Ngenkathi bezonginikeza inombolo yendlu bangitshela ukuthi kuzomele ngibekezele ngoba izinto zihamba kancane,” kusho uNkk Mfeka.

Okhulumela umasipala waseMsunduzi, uNksz Thobeka Mafumbatha uthe uhlelo lokwakhiwa kwezindlu endaweni yakaZayeka, eSweetwaters, luyaqhubeka kanti akukho ukubambezeleka okukhona.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As a child or as an adult, have you ever been a victim of bullying?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, at school
55% - 1993 votes
Yes, at work
17% - 607 votes
No, I've never experienced this
28% - 1018 votes
Vote
USD/ZAR
14.24
(-0.6)
GBP/ZAR
19.92
(+0.5)
EUR/ZAR
17.13
(-0.1)
AUD/ZAR
11.05
(-0.2)
JPY/ZAR
0.13
(+0.0)
Gold
1,775.74
(-0.1)
Silver
25.86
(-0.4)
Platinum
1,212.50
(+0.7)
Brent Crude
66.77
(-0.3)
Palladium
2,824.00
(+1.6)
All Share
68,094
(-0.9)
Top 40
62,326
(-0.9)
Financial 15
12,417
(-0.2)
Industrial 25
88,303
(-1.2)
Resource 10
69,786
(-0.8)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo