Sekuphele iminyaka engenayo indlu

PHOTO: lethiwe MakhanyaUNks Makhosazane Mthembu echaza ngesimo esamehlela.
PHOTO: lethiwe MakhanyaUNks Makhosazane Mthembu echaza ngesimo esamehlela.

UHLALELE ovalweni lokuthi ngelinye ilanga kungasa esengumntshingo ubethwa ngubani engesenayo indawo yokuhlala owesifazane wasendaweni yase-Phase 4 eMbali Unit 13.

UNks Makhosazana Mthembu nophila nokukhubazeka njengoba engakwazi ukuhamba , uthi izinkinga zaqala ngonyaka wezi-2010 ngesikhathi indlu yakhe yomxhaso akhelwa yona iqala ukubhidlika.

Uthe ngesikhathi iqala ibhidlika ubeloku eqhubeka ezama ukuhlala kuyona kwaze kwaba ukuthi iwa uphahla luwela phezu kwakhe eminyakeni emine edlule nokuyilapho abona khona ukuthi uma engaphumi kuyona izogcina iwele kuyena yonke bese ayashona.

“Ukuthi iwe kakhulu lokho kwenzeka kabili kwathi okwesithathu ngabona ukuthi sekumele ngiphume kuyona ngoba ngesaba ukulimala. Le ndlu iwa nje yayivele isohlelweni lokuthi kumele ilungiswe kodwa namanje akukenzeki. Indlela eseyiyiyona manje angeke isakwazi ngisho ukulungiseka konakele. Ukuwa kwale ndlu futhi kwangilimaza kakhulu njengoba ngaze nagphuka ngisho umlenze ngafaka nokhonkolo nokwenza ukuthi umlenze wami ugcine usunenkinga kakhulu,” kubeka yena.

UNks Mthembu uthe kumanje uhlala endlini ancikiswa kuyona umakhelwane wakhe owayemuzwela ngoba naku engenayo indawo yokuhlala.

“Ngangitshelwe ukuthi ukulungiselwa indlu kuzothatha isikhathi esingangezinyanga ezintathu kuphela kodwa sekuphele iminyaka emine manje ngilindile. Sengizamile ukuloku ngihamba ngizama ukuthola ukuthi yini ebambezele kodwa nami sengiphelelewe amandla ngoba nokulokhu ngiqasha izimoto ngihambela into engingayazi kuyabiza.

“Kumanje umnikazi wendlu naye useyayidinga kade engitshela kusukela nenyanga kaZibandlela (December) ngonyaka owedlule. Kodwa-ke futhi angeke ngize ngimusole ngoba naye wayazi ukuthi ngizohlala okwesikhashana ngesikhathi ngilinde kuqedwe ukulungiswa kwendlu yami njengoba engangikhokhisi ngisho imali yerenti. Inkinga enginayo ukuthi uma ngisuka lana angazi ukuthi ngingaphuma ngibhekephi ngoba anginayo indawo yokuhlala yikhona nje lokho okungikhathaza kakhulu emoyeni,” ubeke kanje.

Ikhansela lakule ndawo uMnuThamsanqa Sithole utshele i-Echo ukuthi kumanje bamatasa nohlelo lokuxazulula udaba lwezindlu.

“Besinomhlangano nezinhlaka zonke ezithintekayo ekwakhiweni kwalezi zindlu. Indaba yalezi zindlu ezakhiwe ngocingo kunemindeni emihlanu eyabhidlizelwa nesesivumelane ngokuthi leyo mindeni iqale ukwakhelwa izindlu zayo ngoMsombuluko mhla ziyi-8 kuMfumfu (October).

“Ngesikhathi kwakhiwa lezi zindlu kuzobe kuzanywa ukuphuthumisa uhlelo lokuthi kwakhelwe uNks Mthembu. Esingakuqinisekisa nje ukuthi akekho umuntu ozolahlelwa ngaphandle angabi nayo indawo yokuhlala,” kubeka yena.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When assisting your child with remote learning this year, did you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Follow the school's comprehensive sexuality education (CSE) curriculum?
13% - 364 votes
Adjust the CSE curriculum to suit the family's morals?
24% - 642 votes
Ignore the schools CSE programme and do your own teaching?
63% - 1718 votes
Vote
ZAR/USD
15.18
(+0.55)
ZAR/GBP
20.42
(+0.06)
ZAR/EUR
18.44
(+0.40)
ZAR/AUD
11.30
(+0.30)
ZAR/JPY
0.15
(+0.08)
Gold
1839.70
(+0.59)
Silver
24.08
(+0.31)
Platinum
1031.00
(+2.48)
Brent Crude
47.96
(+1.75)
Palladium
2302.01
(-3.30)
All Share
58947.48
(+1.14)
Top 40
54171.85
(+1.29)
Financial 15
11399.33
(+0.82)
Industrial 25
79681.43
(+0.78)
Resource 10
56621.26
(+2.07)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo