USAZOBHADLA esitokisini owesilisa owumshumayeli welinye lamabandla endaweniyase-Hopewell osolwa ngokuklabha abulale obeyintombi yakhe kanye nabazukulu bayo ababili ezintathakusa zangoMsombuluko mhlaka-7 kuZibandlela (December).
UMnu Themba Mkhize (73) uvele enkantolo kaMantshi eMgungundlovu ngoLwesibili nalapho ebebhekene khona namacala amathathu okubulala uNkk Khanyisile Sibiya (46), Luleka Sibiya (8) kanye no-Asemahle Sibiya (5). Umsolwa utshela inkantolo ukuthi akayifuni ibheyili. Icala lakhe lihlehliselwe unyaka ozayo ngoMasingana (January).
Ngokuthola kwe-Echo ngamalunga omndeni wakaSibiya umsolwa kanye noNks Khanyisile Sibiya besekunesikhashana bethandana kodwa baqale ukuhlala ndawonye esikhathini esingangesonto esedlule.