Uhlukunyezwa umgwaqo ongaphelile owase-Sweetwaters

UMnuz Mlawuza ekhombisa umgodi asezame ukuwumba ukuze amanzi angangeni emzini wakhe.PHOTO: lethiwe makhanya
UMnuz Mlawuza ekhombisa umgodi asezame ukuwumba ukuze amanzi angangeni emzini wakhe.PHOTO: lethiwe makhanya

OWESILISA yaKwaZayeka e-Sweetwaters usephila ngokuvuka njalo ekuseni akhiphe inhlabathi namanzi okusuka emgwaqeni kungene emzini wakhe uma kunethile ngenxa yokuthi umgwaqo wakhiwa wangaqedwa.

UMnuz Caphas Mlawuza uthi le nkinga yaqala eminyakeni engaphezu kweyi-10 eyedlule nalapho kwafika inkontilaki yakha umgwaqo owaziwa ngoSkhakhane Road kodwa yawushiya ingawuqedanga.

UMnuz Mlawuza uthi usekhulume namakhansela kwaze koma amathe kodwa akukho okwenzekayo.

“Njengoba kuyi hlobo kuhlezi kunetha imvula, ungabona ukuthi igceke lami liba njani. Kuguguleka yonke inhlabathi emgwaqeni igcwale ebaleni.

“Sekuze kwavuleka nemigodi emgwaqeni okuyiyona edonsa amanzi angena kwami.

“Uma linethile asikwazi ukusebenzisa indlu yangasese ngoba isuke igcwele amanzi.

“Sengize ngazama ukuvula imisele emibili ephumela ngaphandle ukuze amanzi lawa asuka emgwaqeni ezongena kuyona bese ayochitheka ngaphandle.

“Lo mgwaqo kwakumele ufakwe itiyela kodwa bafika bawumba bawufaka inhlabathi bashaya utshani. Kuze kube yimanje abaphindanga babuya,” kuchaza yena.

Uqhube wathi useliphonsile ithawula ngokuthi uyophinde ulungiswe lo mgwaqo.

Uthe amanzi nenhlabathi okusuka emgwaqeni kungena emzini wakhe kuphela, nakuchaze ngokuthi kungenzeka ukuthi ingoba wakhe eduze kwawo umgwaqo.

“Sekusele kancane ukuthi lamanzi nale nhlabathi kungene kugcwale ekhishini lami uma kunethile.

“Lento iyangihlupha emphefumulweni kangangoba senginqume ukuthi uma kungena ubusika ngizovele ngibiye ngezitina ukuze ngizovimbela le nhlabathi namanzi ukuba kungene ngaphakathi ebaleni.

“Lento ingandisela izinkinga ngoba manje sekumele ngisebenzise imali yami.

“Ngiziphilela ngemali yesibonelelo sikahulumeni kodwa ayikho into engizoyenza ngoba ngeke ngize ngikwazi ukuhlala kanjena impilo yami yonke.”

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Will you continue to use WhatsApp following the company announcing a change terms of service which would force users to share personal data?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, the terms of service do not bother me enough to switch
52% - 7651 votes
No, I will be switching over to a new service
44% - 6386 votes
I've never used WhatsApp
4% - 587 votes
Vote
ZAR/USD
15.15
(+0.43)
ZAR/GBP
20.59
(+0.35)
ZAR/EUR
18.30
(+0.35)
ZAR/AUD
11.64
(+0.48)
ZAR/JPY
0.15
(+0.23)
Gold
1836.39
(+1.33)
Silver
25.31
(+3.85)
Platinum
1085.00
(+2.02)
Brent Crude
54.81
(0.00)
Palladium
2366.01
(+0.08)
All Share
63713.87
(+0.26)
Top 40
58548.17
(+0.17)
Financial 15
11904.46
(-0.10)
Industrial 25
84813.75
(+1.20)
Resource 10
63219.33
(-1.00)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo