Ukhala ngokwehliswa isithunzi okhunyuliswe iziphandlaFUNDA IKHASI LESITHATHU

ISITHOMBE: dumisani zondi UMnu Snethemba Mlambo osola umqashi ngokumkhumulisa iziphandla ngoba ethi aziyona ingxenye yomfaniswano wasemsebenzini.
ISITHOMBE: dumisani zondi UMnu Snethemba Mlambo osola umqashi ngokumkhumulisa iziphandla ngoba ethi aziyona ingxenye yomfaniswano wasemsebenzini.

UFUNA ukubopha inkampani unogada wase Mgungundlovu emva kokuba ekhunyuliswe iziphandla ezandleni ngoba kuthiwa aziyona ingxenye yomfaniswano wasemsebenzini.

UMnu Sinethemba Mlambo oqale ukusebenzela inkampani yonogada eyaziwa nge-Afri-Guard ezinyangeni ezimbili ezedlule, uthe lesi senzo simshiye ethukuthele eveva njengoba lolu daba eselifake nasenkantolo yezokulingana (equality court).

UMlambo uthe ngenkathi eqala ukusebenza kule nkampani akukho lapho atshelwa khona ukuthi iziphandla azivumelekile, okuyinto emthusile uma esephoqwa ukuba azikhumule ngenyanga edlule.

Ufanise lesi senzo njengisimdicilele phansi isithunzi futhi esibukela phansi umuntu oMnyama njengoba lesigameko senzeko nabanye ozakwabo bebuka.

Elandisa iphephandaba i-Echo uthe: “Ngenyanga edlule omunye wabaphathi ubebheka umfaniswano. Senze umbukiso (uniform parade), okuyilapho engitshele khona ukuthi angiwugqokile ngendlela ngenxa yokuthi iziphandla azihambisani nawo.

“Ngibe sengiphoqwa ukuba ngikhethe phakathi kokuzikhumula noma ngiyofuna umsebenzi kwenye indawo. Ngenxa yokuthi isinkwa engiphila ngaso, ngikhethe ukuzinqamula zozine leziphandla.”

UMlambo obeveva ukuthukuthela uthe okumdine kunakho konke ukuthi akuyena yedwa umuntu obegqoke iziphandla kodwa kuphunywe naye yedwa. Uthe uzikhipha nje ngo Mfumfu ubesandakwenza umsebenzi wazo njengoba kungaphelanga ngisho inyanga ezifakile, sekufuneka ukuthi azikhiphe futhi.

“Lokhu ngikubona njengesenzo sokugcwaneka nokubukela phansi isiko lo muntu oMnyama. Kumanje kuyacaca ukuthi lo msebenzi ebengiwuhlabele, kuzomele ngiwuqale phansi njengoba sekwenzeke kanje. Ngokwazi kwami isiphandla sikhunyulwa ngokushiselwa impepho, asikhunyulwa nje entabeni.

“Sengikhethe nokuthi umqashi ngimfake enkantolo yezokulingana ngoba akagcinanga ngokungehlisa isithunzi phambi kwabantu, kodwa ubukele phansi namadlozi akithi,” kuphetha uMlambo.

USolwazi uJabulani Maphalala uthe lesi senzo sishayisana nomthetho wokuthi wonke amasiko ayalingana lapha eNingizimu Afrika.

Uthe: “Lokhu kukhombisa ukudelelwa kwamasiko abantu abaMnyama. Ziningi izinhlanga ezinamasiko azo, ezinye azivunyelwe ngisho ukugunda emakhanda, kodwa angeke kushiwo lutho. Siyafisa ukuba nohulumeni wethu asilekelele ukukhuluma ngazo lezi zinto, ngoba sengathi sibuyiselwa kuhulumeni wobandlululo lapho okwakuthiwa abantu abaMnyama banamadimoni.

“Kumele lolu daba alubike eMnyangweni obhekelene nokuvikelwa kwamasiko abantu.”

UMqondisi wale nkampani i-Afri-Guard uMnu Bester Tenteza uthe: “Ngiwumuntu oMnyama futhi ngiyazi ngokubaluleka kwamasiko. Umuntu owenze lokhu umuntu wolunye uhlanga naye oqashiwe.

“Siyaxolisa kakhulu ngalesi sigameko, siyafisa noma ukumbuyisela noma imali yezimbuzi ayenze ngazo umsebenzi, ukuze lolu daba luphele.” Osebenzela uphiko lwezomthetho kwi Khomishana yama Lungelo esintu yase Ningizimu Afrika nokuVikelwa kwamaLungelo, amaSiko, Inkolo kanye neziLimi zemiphakathi uKgaogelo Makgoba uthe bazophenya kabanzi ngalolu daba.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As South Africa faces down the third Covid-19 wave, how are you keeping your family safe ?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Staying at home, isolating and being careful
3% - 1158 votes
Sanitising and wearing masks when we go out
11% - 4397 votes
Going on as usual, we're not afraid of the virus
86% - 33620 votes
Vote
Rand - Dollar
14.06
+0.3%
Rand - Pound
19.94
-0.0%
Rand - Euro
17.11
+0.1%
Rand - Aus dollar
10.96
-0.1%
Rand - Yen
0.13
+0.2%
Gold
1,868.28
+0.1%
Silver
28.47
+1.0%
Palladium
2,915.01
+0.5%
Platinum
1,243.50
-0.0%
Brent Crude
69.46
+1.1%
Top 40
61,193
0.0%
All Share
67,217
0.0%
Resource 10
70,663
0.0%
Industrial 25
83,982
0.0%
Financial 15
12,612
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo