Ukhuza ibuya uzime wodumo

UMampintsha ozofika azonandisa kulo mncintiswano.ISITHOMBE: internet
UMampintsha ozofika azonandisa kulo mncintiswano.ISITHOMBE: internet

UKHUZA ibuya uzime wodumo owaziwa ngokuthi u-Miss Summer Mgungundlovu njengoba uzobanjelwa eKhawula’s Lounge eSweetwaters ngoMgqibelo mhla lulunye kuZibandlela (December).

Lo nobuhle uhlelwe yiNtabayabantu Models kanti uzobe ungaqali ukwenzeka kulo nyaka njengoba wake wenzeka ngaphambili.

Ukungenela kwalabo abafuna ukumodela u-R100 umuntu ngamunye.

Ngokusho kukaMnuz Mbuso Nyandu weNtabayabantu Models uthe lena ngenye yezindlela zokuzama ukugcina intsha imatasa ngento elungile ingaze igcine isizinikele ezintweni ezingalungile, njengokuphuza utshwala kanye nokusebenzisa izidakamizwa.

“Ngaphandle kwalokho sifuna ukusiza futhi ukuthi bakwazi ukuzethemba siphinde sikwazi ukubanikeza ithuba lokuthi babonakalise ithalente labo baphinde bakwazi ukufunda izinto ezahlukene ngezokumodela ukuze uma sebephumela ngaphandle sebeyongenela imncintiswano emikhulu babe sebenakho ukuzethemba futhi sebazi ukuthi yini efunekayo. Siyakholelwa kakhulu ekuthuthukiseni intsha yakithi ngoba siyazi ukuthi kunentsha ezogcina iphila ngazo ezonobuhle,” kubeka yena.

Lo mcimbi awuzugcina nje ngokuba owonobuhle kodwa kuzoba khona i-afterparty ntambama kusukela ngehora lesikhombisa ntambama nalapho kuzofika khona isihlabani somculo uMampintsha ukuzonandisa.

Ngemininingwane ngalo zime ungashayela uMnu Nyandu enombolweni ethi: 079 616 0059. Mayelana ne-afterparty ungashayela uDJ Cool ku-061 008 2056 okanye 067 179 5534.

INtabayabantu ihlele omunye uzime wayo waminyaka yonke obizwa ngokuthi u-Miss KZN Traditional nozobanjwa mhla ziyi-8 kuZibandlela (December) eBessie Head Library. Ukungenela nakuwona lo mcintiswano uR100 umuntu ngamunye. Ithikjithi lokungena emnyango lizobiza u-R100 kanti i-VIP yona izoba u-R150.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Is social media doing more harm than good?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, our children are exposed and we can't protect them
49% - 4226 votes
Yes, but social media is part of the new reality
46% - 3917 votes
No, it's great for growing a child's world view
5% - 426 votes
Vote
USD/ZAR
14.05
0.0%
GBP/ZAR
19.67
0.0%
EUR/ZAR
17.10
0.0%
AUD/ZAR
11.03
0.0%
JPY/ZAR
0.13
0.0%
Gold
1,831.32
0.0%
Silver
27.45
0.0%
Palladium
2,929.64
0.0%
Platinum
1,256.50
0.0%
Brent Crude
68.28
+0.3%
Top 40
62,573
+1.4%
All Share
68,520
+1.4%
Resource 10
71,474
+2.1%
Industrial 25
86,856
+0.9%
Financial 15
12,711
+1.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo