Umasipala uchaze ngokuthuthwa kwendle

EMHLANGANWENI owawuphakathi kwamalungu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal kanye nomphakathi waseMgungundlovu kanye namalungu amakomidi wamawadi angaphansi kukamasipala waseMsunduzi owawungo mhlaka 5 ku-Okthoba ehholo laseMgungundlovu, ilungu lomphakathi wakwaWadi 13, uSbonelo Thahla wathi umphakathi wakulendawo udinga ukuchazelwa ngokuthi amapayipi okuthutha indle lizofakwa nini njengoba izindlu zangasese zakulendawo zingenalo ipayipi elidonsa indle kanti eminye imizi isebenzisa imigodi okuyinto eyehlisa isithunzi sabantu.

Okhulumela umasipala waseMsunduzi, uThobeka Mafumbatha uthe uWadi 13 uhlanganisa Imbali Stage 2 okuyindawo esebenzisa amapayipi okuthutha indle, i-Slangspruit esebenzisa ama-septic tanks kwezinye izindawo ama-conservancy tank, i-France esebenzisa ama-conservancy tank, i-BufferStrip enezindawo ezisebenzisa amapayipi okuthatha indle kwezinye izindawo kanti kwezinye kusebenza ama-conservancy tanks kanye ne-Westgate no-Unit 15 okuyizindawo ezisebenzisa amapayipi okuthutha indle.

Uqhube wathi uWadi 18 uhlanganisa izindawo ezilandelayo, iMpumelelo esebenzisa ama-conservancy tanks, iMpumelelo extension nayo esebenzisa ama-conservancy tanks kanye no-Unit 14 izindlu zangasese ezingama-VIP kanye nama-conservancy tanks.

Uthe: “Kunyaka wesabelo zimali ka-2017/2018 umasipala unohlelo olubizwa ngokuthi i-Shenstone-Embleton Project oluhlanganisa i-France kuwadi 13, i-Slangspruit kanye nowadi 18 izindawo zaseMpumelelo naseMpumelelo Extension. Isabelomali saloluhlelo u-R5 900 000. Ngalemali sizokwazi ukufaka amapayipi okuthutha indle angaphansi kancane ku-3km yingakho kwavunyelwana namakhansela omabili akulamawadi ukuthi asixhume izikole ezimbili,” kusho uMafumbatha.

Uqhube wathi ngokwezinhlelo ezihlelelwe uwadi 13 nowadi 18, endaweni yaseSlangspruit, France naseMpumelelo kanye neMpumelelo extension kuwadi 18, kukhona uhlelo lwesabelo lami engu-R89 000 000 kodwa kulonyaka wesabelomali (2017/2018) imali ekhishiwe ingu-R5,9 million.

Uthe loluhlelo elokubhekana nezikhalo zomphakathi ngokufakelwa amapayipi okuthutha indle.

“Ngazo zonke izinsuku sithola izicelo eziqhamuka kuma khansela zokuthi simunce ama-conservancy tanks kanti umasipala unamaloli amabili abhekana nalokhu kulezindawo,” kusho uMafumbatha mayelana nemizamo kamasipala yokuqikelela ukuthi indle iyathuthwa nasezindlini zangasese ezingalisebenzisi ipayipi elimunca indle.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Is social media doing more harm than good?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, our children are exposed and we can't protect them
49% - 5993 votes
Yes, but social media is part of the new reality
45% - 5504 votes
No, it's great for growing a child's world view
5% - 633 votes
Vote
Rand - Dollar
14.19
-0.4%
Rand - Pound
19.88
-0.1%
Rand - Euro
17.12
-0.3%
Rand - Aus dollar
10.92
+0.0%
Rand - Yen
0.13
-0.5%
Gold
1,811.10
-0.2%
Silver
26.78
-0.8%
Palladium
2,838.00
-0.8%
Platinum
1,203.00
-0.9%
Brent Crude
69.32
+1.1%
Top 40
59,667
-3.0%
All Share
65,375
-3.0%
Resource 10
68,446
-4.5%
Industrial 25
81,762
-2.4%
Financial 15
12,441
-1.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo