Umfundi ugonyuluka ngokubulawa kukathisha

ISITHOMBE: sigciniweUNkk Priscilla Mchunu owadutshulwa wabulawa esikoleni.
ISITHOMBE: sigciniweUNkk Priscilla Mchunu owadutshulwa wabulawa esikoleni.

UMFUNDI wasesikoleni samabanga aphakeme iLaduma KwaMpumuza uthi namanje akabutholi ubuthongo ebusuku njengoba wabona isigameko sokudutshulwa kubulawe owayeyibamba likathishanhloko.

UNkk Priscilla Mchunu wadutshulwa ngentulwane yezinhlamvu ngesikhathi efundisa abafundi bamatikuletsheni ngoMgqibelo mhla zili-18 kuNdasa (March) ngonyaka ophelile.

NgeSonto bekuphela unyaka selokhu kwenzeka lesi sigameko, kanti omunye wabafundi ababekhona ugonyuluke okokuqala kwabezindaba ngaloludaba.

UNkk Mchunu wayefundisa abafundi bakamatikuletsheni ngempelasonto ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko kanti akukaze kuboshwe muntu.

“Kuze kube yimanje ngisathuka ebusuku uma kufika isithombe salesi sigameko. Angikwazi ukuhlala ngikhululeke ngisho ngihleli ekhaya ngihlala ngizikhiyele ngisaba ukuthi laba bantu ababulala umemu bangahle bafike bafune ukuzodubula nami. Ngisho ngihamba edolobheni ngihamba ngisaba ukuthi makungenzeka ukuba ngihlangane nabo ngingathini kwazise babengazifihlile ubuso. Kungenzeka bakhumbule ukuthi ngangikhona ngesikhathi kwenzeka isigameko bese bafune ukuqeda ngami,” kubeka yena.

Uthe ngosuku lwesigameko uNkk Mchunu wafika sekwedlule isikhathi nokuyinto angakaze ayenze ngaphambili.

“Sase sithi siyagoduka ngesikhathi efika. Ngesikhathi sisanda kungena egumbini lokufundela kwakhala umakhalekhukhwini wakhe nokwathi mayeqeda ukukhuluma nawo wasitshela ukuthi bekufone abantu ababuza ukuthi ukhona yini esikoleni ngoba kuneloli elizoletha itiyela. Emva kwesikhashana nje kwabe sekungena imoto eyapaka ngase hhovisi. Sabona abalisa ababili beqhamuka ngemuva kwegumbi esasifundela kulona bezongena ngomnyango.

“Omunye wabo waye phethe isibhamu ngesandla wabe eseqala evulela ngenhlamvu ebhekise kumemu. Eyokuqala inhlamvu yashaya umemu waphenduka wavula izandla wakhamisa ubona ukuthi ufuna ukubuza ukuthi wenzeni kodwa izwi lakhe alibange lisaphuma njengoba bavele baqhubeka badedela intulwane yezinhlamvu kwaze kwaba uyawa phansi.

“Abafundi bangena ngaphansi kwamatafula besabela izimpilo zabo. Mina ngangena ngaphansi kwetafula ngabheka ngasodongeni ngavala amehlo ngesikhathi bevulela ngezinhlamvu. Ngazitshela ukuthi sengiyozwa ngenhlamvu isingena kumina ngoba ngesikhathi ngizwa amagobolondo ezinhlamvu eshaya odongweni ngangizitshela ukuthi kudutshulwa abaseduze kwami,” kubeka yena.

Uqhube wathi uNkk Mchunu ubengasiye uthisha nje kuphela kuyena kodwa ubesefana nomama.

“Ubehleli efuna ukuthi ngenze into enhle engigqugquzela ngaso sonke isikhathi. Akungiphathi kahle ukuthi kuze kube yimanje akukho muntu oseboshiwe mayelana nalesi sigameko.Wayengumuntu olungile kwakungafanele ukuba abulawe ngesihluku abulawa ngaso. Ngosuku abulawa ngalo wayesiphathele izithelo [fruits].Ubenothando kakhulu.

“Kunzima ukuhlala nalento engayibona ngaphakathi, kodwa ngiyazama ukuthi ngingayicabangi. Ngiyazama futhi nokuthi ngingayivumeli ukuthi ingilawule.”

Okhulumela amaphoyisa esiteshini iPlessislaer uKapteni Musa Ntombela uqinisekise ukuthi bekungakaboshwa muntu kodwa wathi amaphoyisa asaphenya.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Will you continue to use WhatsApp following the company announcing a change terms of service which would force users to share personal data?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, the terms of service do not bother me enough to switch
52% - 6809 votes
No, I will be switching over to a new service
44% - 5828 votes
I've never used WhatsApp
4% - 534 votes
Vote
ZAR/USD
15.22
(-0.06)
ZAR/GBP
20.67
(-0.12)
ZAR/EUR
18.39
(-0.03)
ZAR/AUD
11.65
(-0.49)
ZAR/JPY
0.15
(-0.05)
Gold
1827.50
(+0.01)
Silver
24.75
(+0.10)
Platinum
1070.99
(+0.29)
Brent Crude
54.89
(-2.34)
Palladium
2377.00
(+0.59)
All Share
63549.75
(-0.52)
Top 40
58446.35
(-0.49)
Financial 15
11916.89
(+0.01)
Industrial 25
83811.01
(+0.08)
Resource 10
63855.25
(-1.46)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo