UMzala Wa Afrika ukhiphe i-albhamu yokuqala

PHOTO: Supplied UNhlanhla Ndlovu odume ngelika 'Mzala Wa Afrika'.
PHOTO: Supplied UNhlanhla Ndlovu odume ngelika 'Mzala Wa Afrika'.

‘SEBENZA njengesigqila namhlanje, ukuze uphile njenge nkosi ksasa’ - lawo ngamazwi uNhlanhla Ndlovu odume ngelika ‘Mzala Wa Afrika’ aphila ngawo.

UNdlovu ukhiphe i-albhamu lakhe lokuqala kanti waziwa kakhulu endimeni yezomculo ngelika Mzala Wa Africa. Uzalelwe endaweni yase Plessislaer wakhulela kwaNyamazane zombili lezi ndawo ezise Mgungundlovu, Ukhiphe i-albhamu yakhe yokuqala esihloko sithi My music your memories ethulwe ngokuse mthethweni ngoLwesihlanu olwedlule. Le-albhamu inengoma ehamba phambili I home to you eqale ukhutholakala ku i-Tunes ne Traxsource ngoMsombuluko. UNdlovu uthe njengoba eseqedile ukuyikhangisa lapha eMgungundlovu uzophinde azungeze iNingizimu Afrika yonke nasemazweni angomakhelwane iSwaziland ne Lesotho. Kule-albhamu yakhe entsha usebenzisane noBrewed Souls ,King Bayaa, Tee R ukubala abamubalwa.

“Angibhekanga umculo kuphela ngine zingqu ze-Electrical Engineering N6 engithole ekolishi iTVET College, kodwa umculo ubuhlezi uhamba phambili kumina. Ngiqale ngo2006 ukuzijwayeza ukudidiyela umculo noku dijeya. Mina nabangani bami siqale ukimenywa emicimbini ngo 2008 kwesinye isikhathi sidlala mahala ukuze saziwe, ngithole ukugqama edaweni yokuqeda ukoma iJemani. Ngokunyuka kwesibalo so D.J ngibone kugcono ngingayi shintshi indlela engidlala ngayo, ngo2010 ngadidiyela umculo,’ kuladisa uMzala Wa Afrika.

“Umsebenzi wakhe aseke wawenza nathe mukhulu kube ukusiza ukudidiyela i-albhamu ka Ocean Deep.

“Lokho kwenze ukuthi ngimubize kade sengenza ingoma i Uno Mas. Inkampani yokuqopha yase Italy ephethwe ngomunye woD.J uSteve Paradise ikhiphe ingoma yami iZebra Music kwi-albhamu edidiyele zonke izingoma ze house e-Italy. Igcine isidlalwa nawo DJ abahlosishwayo la eNingizimu Africa okungo Christos,Vinny da Vinci no Fingers ukubala abamubalwa nasezindaweni zokuzijabulisa. Ukuduma kwalengoma kwenze ngiqale nokukhokhelwa uma ngidlala nangaphandle kwakuleli,” kubika uMzala .

Uthe phambilini uke wasebenza nasezitolo kodwa wabuye washiya ngenxa yothando lomculo

“Ngibukela kakhulu ku Culoe De Song ngoba muhle umsebenzi wakhe. Umyalezo engingawu dlulisa ko D.J abasafufusa ukuthi kufanele basebenze kanzima nangokuzi khandla, bazazi bafunani futhi baphokophe lephi.”

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
37% - 2315 votes
I'll wait to see how others respond
27% - 1677 votes
No, I don't think they need it
37% - 2297 votes
Vote
ZAR/USD
14.95
(+0.30)
ZAR/GBP
20.81
(+1.02)
ZAR/EUR
18.11
(+0.78)
ZAR/AUD
11.61
(+1.72)
ZAR/JPY
0.14
(+0.31)
Gold
1762.75
(-0.43)
Silver
26.77
(-2.57)
Platinum
1191.00
(-1.97)
Brent Crude
66.03
(-0.11)
Palladium
2346.50
(-2.00)
All Share
65916.08
(-2.32)
Top 40
60560.54
(-2.42)
Financial 15
12108.27
(-1.83)
Industrial 25
85634.17
(-1.39)
Resource 10
67604.85
(-3.93)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo